KUVALWE umngcele iSani Pass ophumela eLesotho ngenxa yeqhwa.
Lokhu kuvezwe abe-Border Management Authority SA ngesitatimende esithi iqhwa lingaphezu kuka-6cm izimoto azikwazi ukuhamba.
Ukuvalwa kwalo mngcele kulandela isitatimende somnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal okhiphe isixwayiso kubashayeli ngemigwaqo evaliwe ngenxa yokugcwala kweqhwa.
Abezimo eziphuthumayo bathumele lo mlayezo ngemigwaqo evaliwe ngenxa yesimo sezulu. Kunxuswa bonke abasebenza imigwaqo ukuba bangazami ukuhamba kulezi indawo nokusebenzisa 'okhokhoba road'. Abezinhlekelele kuthiwa basiqaphile isimo @IsolezweNews 📷 Zithunyelwe pic.twitter.com/fKOcXsEnYe
— Nonku Nhlapo (@NduNhlapo) September 21, 2024
Baningi abantu abavaleleke kuN3 phakathi Mooi River neHarrismith, uR74 phakathi kweBergville neHarrismith, R617 eMpophomeni kuya e-Underberg, R103, R74 phakathi kweColenso naKwaNobamba, R33 ePomory.
U-N11 eMajuba uqashwe ngelokhozi, ilokhu ingenile imilayezo yokuthi abantu abahlehlise izindlela zabo, bagweme nale migwaqo ebaliwe.
Ezibhajiwe kuN3 akuhambeki, abezinhlekele basiqaphile isimo @IsolezweNews pic.twitter.com/WgtPOEZCoY
— Nonku Nhlapo (@NduNhlapo) September 21, 2024