BAZOHLAHLA indlela eya phambili namuhla abasebenzi be-ANC osekuphele izinyanga ezintathu bengaholile.
Izolo, laba basebenzi bekulideleke ukuthi baqale uhlelo lokuqhinqa ngaphandle kwamahhovisi e-ANC ezweni jikelele kodwa agcina engakwenzanga lokhu ngenxa yokuthi ebelindele ukuba nomhlangano.
UMnuz Mvusi Mdala okhulumela abasebenzi, uthe uhlelo lokuqhinqa noma ukuteleka luzokwenzeka uma sebezame yonke imizamo.
Uveze ukuthi namuhla bazoba nomhlangano wokuhlahla indlela eya phambili ezoqinisekisa ukuthi bayayithola imali yabo.
“Sizosebenza ngo-8 ekuseni kuya ku-4 ntambama bese siyanquma ukuthi senzanjani. Isinqumo sokuqhinqa noma ukuteleka sizosithatha emuva kokuzama yonke imizamo,” kusho uMdala.
Ngonyaka odlule inyunyana yalaba basebenzi iNational Education Health and Allied Workers Union (Nehawu), iluhambise kubameli udaba lokungaholelwa kwabasebenzi.
UNobhala weNehawu KwaZulu-Natal, uMnuz Ayanda Zulu, uthe bayaba nemihlangano ne-ANC ithembise ukuthi izobaholela abasebenzi kodwa igcine ingakwenzanga lokho.
Uthe kuyimanje i-ANC ayikweleti amaholo kuphela kodwa ayisakhokhi nemali ye-Unemployment Insurance Fund (UIF) neyeProvident Fund.
Phakathi kwezizathu ezibekwa yi-ANC ezenza ukuthi ihluleke ukuholela abasebenzi ngesikhathi, uZulu ubalule olomthetho wokunikelelwa kwamaqembu epolitiki nesikweletu senkampani eqoqa intela iSouth African Revenue Service (Sars).
“Kusiphethe kabi ukuthi i-ANC ayibaholeli abasebenzi kodwa sizohlangana kusasa bese sihlahla indlela eya phambili. Izinhlelo zesiteleka noma zokuqhinqa zihlelwa kuzwelonke,” kusho uZulu.
Kushaye isikhathi sokushicilela engatholakali okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe.