BAZOLUTHEZA olunenkume abakuleli okuzotholakala ukuthi balekelela abokufika ukubabhalisa nokubaqashisela izitolo ezibiza bona njengoba kuqhubeka uhlelo lokubhaliswa kwazo nezindawo zokugcina futhi zisabalalise ukudla ngokusemthethweni, okulindeleke luphele ngonyaka ozayo.
Esithangamini songqongqoshe abehlukene nabezindaba ebesisePitoli izolo, owoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, umemezele ukwelulwa komnqamulajuqu obekelwe lolu hlelo ekutheni bonke abezitolo babhalise obekulindeleke ube kuleli sonto, njengoba usungoFebhuwari 28.
Ekhipha isexwayiso esibhekiswe emphakathini, obambe njengomqondisi eMnyangweni wezasaKhaya, uMnuz Albert Matsaung, uthe bazothathelwa izinyathelo okuzotholakala ukuthi baqhuba inkohlakalo yokubhalisa izitolo kulolu hlelo bese beziqashisela abokufika ngenhloso yokwenza imali.
“Okuzotholakala ukuthi baphambene nomthetho bazoboshwa bashushiswe. Siyasebenzisana nomasipala futhi kukhona ulwazi esisebenza ngalo olusuka komasipala okuthiwa bakhona kubo abenza lo mkhonyovu. Luzolethwa kithina njengomnyango bese sisebenzisana namphoyisa kulokho,” usho kanje.
Uthe lesi isexwayiso esicacile ebantwini bakuleli wukuthi bangagxambukeli ekuqhubekeni kwalolu hlelo futhi bangasizi labo okungamele ngabe bayabasiza.
Ekhuluma kulesi sithangami, uHlabisa uthe mningi umsebenzi osuwenziwe kusuka uMengameli Cyril Ramaphosa ememezele ukuthi kumele kuqale lolu hlelo phambili obekuthiwa luzokwenziwa ezinsukwini ezingu-21 kuphela, njengoba umnqamulajuqu bekulindeleke ukuthi ubengoLwesibili.
“Kuzwelonke, kuvulwe izikhungo ezingu-392 zokubhalisa abamabhizinisi. Zingu-42 915 izicelo zokusebenza ezifakwe ngabantu bezipaza nezindawo eziphatha ukudla. Kuzona, ziwu-19 386 eziphumelele. Lokhu sikuthatha njengomsebenzi omkhulu osuwenziwe ezinsukwini ezingu-21. Emva kwalo mnqamulajuqu wangoFebhuwari ngonyaka ozayo, uhulumeni uzoqhubeka nezinhlelo zokuqinisekisa udaba lokudla okuphephile okudayiselwa abantu nezinhlelo zokulwa kokungena kwempahla ngokungemthetho ezweni,” usho kanje.
IPhini loMkhuzi wamaPhoyisa, uLieutenant General Tebello Mosikili, lithe akhona amacala aphenywa amaphoyisa mayelana nokufa kwabantu okukholakala ukuthi basuke bedle okunobuthi abakuthenge ezitolo.
“Bangu-41 manje asebeshonile ngenxa yokudla okunobuthi, kanti abangu-38 kubona izingane. Emacaleni akamuva akekho osaboshiwe, ngaphandle kokuthi kukhona abathathu ababoshiwe abahamba inkantolo kodwa bona baboshwe ngaphambi kukaSepthemba. Amacala akamuva asaphenywa ngamaphoyisa njengoba kwaziwa ukuthi uphenyo lufaka phakathi ukuthathwa kwamasampula ayohlolwa. Seyikhona imiphumela yokuhlolwa kwezidumbu kodwa abekho okwamanje abasayamaniswe namacala,” usho kanje.
Umsuka oholele ekutheni kubhalise izitolo zokudla ezincane iningi lazo ezingabokufika, kungenxa yoxhaxha lwezigameko zokufa kwabantu ikakhulu izingane okuthiwa zigula emva kokuthenga okudliwayo ezitodlwana. Isigameko esabawundabamlonyeni, esokushona kwezingane eziyisithupha zaseNaledi, eSoweto, emva kokudla ama-chips okuthiwa zaziwathenge esitolo esidayisa ngokudla sowokufika esikhona endaweni.