ZIZOMELE zigawule zibheke izinselwaboya ezincela izithukuthuku zabantu abafuyile bese zithola inzuzo.
Lesi yisexwayiso esikhishwe ngabomthetho ngesikhathi kunombuthano obudingida ngokuphepha ezindaweni zasemakhaya, nezinkinga ezikhungethe abalimi, nemiphakathi ehlala ezindaweni zasemakhaya.
Bakhala ngezigebengu eziziphilisa ngokweba izinkomo bese ziyazihlinza zidayise inyama ngalesi sikhathi sonyaka. Kuthiwa lo mkhuba owenzeka kakhulu ezindaweni ezisemakhaya KwaZulu-Natal.
Ngesikhathi kunengqungquthela ebibizwe nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, iRural Safety Summit, eVryheid. ukwebiwa kwemfuyo kugqame njengezinye zezinto ezikhathaza umphakathi ofuyile esifundazweni.
Ekhuluma engqungqutheleni, uMkhwanazi uthe amaphoyisa azobe ebhekene ngqo nabenzi bobubi njengoba kuzoqala amaholidi kakhisimusi.
Le ngqungquthela yezinsuku ezimbili ibihlanganise izinhlaka ezehlukene okubalwa amaphoyisa, izinhlangano zabalimi, abaholi bemiphakathi esezindaweni ezisemakhaya okubalwa izinduna namakhosi, nezinye.
Ezinye zezinto ezidalulwe wumphakathi njengoba ubuzikhulumela neziphathimandla, yisihlava sokubulawa kwamakhosi nezinduna. Babuye bakhala ngemikhuba engemihle eyenziwa yizinduna njengokudayiswa komhlaba ngendlela engahlelekile.
Izinkinga zasemapulazini azisalanga ngaphandle ngoba umphakathi ukhale ngokuthi uma kudayiswe ipulazi, kuvamisile ukuthi olithengile axoshe abasuke behlala khona. Bathi okuba yinkinga wukuthi abantu abaxoshwayo basuke beyimisinsi yokuzimilela kulawo mapulazi.
Evala ingqungquthela uKhomishana waKwaZulu-Natal, uthe kuzomele kube nemithetho ezoshawa ezovikela kakhulu imiphakathi esemakhaya.