AMAPHOYISA aqale uphenyo kulandela isigameko sokubulawa kwamadoda amabili okwenzeke eBuffelsdraai, eVerulam ngoMgqibelo ekuseni.
Imibiko ithi amadoda amabili adutshulwe abulawa ngoyaba lwezinhlamvu emgwaqweni.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo enkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa) uMnuz Prem Balram, uthe babikelwe ngalesi sigameko ekuseni.
Uthe onogada babo baphuthume endaweni ababikelwe ngayo bafica izidumbu ezimbili zidindilize phansi.
“Balandelwe abezimo eziphuthumayo okuthe uma befika, behlola isidumbu sokuqala, bathola ukuthi sinamanxeba amaningi okudutshulwa ekhanda. Isidumbu sesibili sitholakale buqamamana nesokuqala,” kusho uBalram.
Uthe naso isidumbu sesibili besinamanxeba amaningi okudutshulwa ekhanda. Bobabili ababulewe kuthiwa bafe ujuqu lapho bedutshulelwe khona.
Udalule nokuthi kutholakale isibhamu nesikhwama esimnyama ebesikade sinezinhlamvu zesibhamu i9mm eduzane kwesidumbu sesibili.
UBalram ube esehlawumbisela wathi cishe abalelwa ku-20 amagobolondo ezinhlamvu zesibhamu i9mm atholakale lapho kubulawelwe khona amadoda.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseVerulam aphenya amacala amabili okubulala kulandela lesi sigameko.
“Amaphoyisa abikelwe ngokudubula okubekhona aphuthuma endaweni yesigameko. Afice izidumbu zamadoda amabili phansi zinamanxeba okudutshulwa. Kutholakale nesibhamu eduzane kwesinye sezidumbu,” kusho uNetshiunda.
Uthe okwamanje ayaziwa imbangela yokubulala futhi nabasolwa kabaziwa.