KUBHEDUKE umxhantela omusha weCovid-19 kuleli, obizwa nge-XBB.1.5 okuthiwa uthelelelana ngokushesha, ongase udle fumuka udle silaza, uma unganqandwanga kusenesikhathi.
Izindaba zokubheduka komxhantela omusha, zimenyezelwe wuMnuz Tulio de Oliveira ose-University of Stellenbosch okuyiyona eyenze ucwaningo yathola umxhantela omusha.
UMnuz Doctor Tshwale, osehhhovisi likaNgqongqoshe wezeMpilo uMnuz joe Phaahla, uthe sebethintiwe bewumnyango baziswa ngalokhu.
“UMnyango usafuna ukuzinika isikhathi uxhumane nososayensi, ukuze kutholakale kabanzi ngalolu hlobo lweCovid-19.
“Sizomemezela maduze ukuthi zithini izinhlelo zokubheka negciwane,’’ kusho uTshwale.
Uthe kodwa bacela abantu ukuthi baqinise ekugomeni noma bagome owokwengeza, ukuze singabakhahlamezi kakhulu lesi sifo uma kwenzeka sibangena. Uthe ukugoma kulekelela ukuthi umzimba ukwazi ukulwa nesifo uma sifika.
Ugcizelele ukuthi abantu kufanele baqale phansi bagcine imiyalelo ebekiwe yokuhlamba izindla, banikane ibanga, bangasondelani kakhulu. ICovid-19 ike yagasela kuleli yashiya kukhalwa njengoba kwashona inqwaba yabantu, nomnotho washayeka kakhulu kwaphela imisebenzi kubantu. Izwe lafakwa ngaphansi kwesimo senhlekelele isikhathi eside, okuyinto ebingajwayelekile kuleli.
Babalelwa ku-4.5 million abantu abahaqwa yiCovid-19 kuleli ngesikhathi isabhokile. Bangu-103 000 abashona. Ngesikhathi siloba kuvele ukuthi bangu-214 abantu abasha abebehaqwe yiCovid -19. Izibalo zikhomba ukuthi babe ngu-663 million abantu abahaqekile emhlabeni wonke. Kushone abangu-6.71 million emhlabeni.
ICovid-19 ijwayele ukuthi ilokhu iguquguquka kuvela imixhantela emisha, ebibuye yenze kube nzima ukulwa nayo.