AMI ngomumo amathimba ezinhlekelele KwaZulu-Natal njengoba imvula ehambisana nokuduma iholele ekulimaleni komuntu oyedwa Estingini, eMkhambathini, ngoMsombuluko.
Amathimba ezinhlekelele abizelwe emzini wakwaThusi, Estingini lapho ilungu lomndeni lishaywe wumbani.
Izolo uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe amathimba ezinhlekelele ami ngomumo ukuyosiza abathikanyezwa yizulu elibi.
Uthe njengoba kulindelwe ukuthi likhithike eHarry Gwala nasoThukela, amathimba ezinhlekelele azobe enkanise yonke indawo elindele ukulekelela lapho edingeka khona.
Ubalule ukuthi iqhwa lizoqinisa imigwaqo okuzoholela ekutheni kungahambeki noma kube nemigwaqo evalwayo.
Ucele abantu abakhele izindawo ezizothintwa yizulu elibi ukuthi bahlale beqaphile ukuze basheshe banyakaze uma izulu liba libi kakhulu bangaze bavaleleke.
Uthe amathimba ezinhlekelele azoqhubeka nokuqapha isimo futhi anemishini emikhulu yokuvula izindlela ezivalwe yiqhwa uma kuwukuthi kukhona ezizovaleka.
Udonse ngendlebe abantu wathi bangalali nezimbawula ezivuthayo nokunye kokuzifudumeza bakuqaphele njengoba izulu limakhaza.
Abashayeli bezimoto nabo ubaqwashise ngokuthi balandele imithetho yomgwaqo ngoba kuyashelela emgwaqweni.