LIGWETSHWE ukuthi likhokhe inhlawulo ka-R4000 noma libhadle ejele unyaka wonke yiNkantolo yesiFunda yase-Ermelo, iphoyisa lomgwaqo ngecala lokugwazisa elenzeke ngo-2020.
Iphoyisa lomgwaqo esifundazweni iMpumalanga, uGM Hleza, kuthiwa lamukela imali engu-R200 yokugwazelwa kwabathile ababemlalele unyendle abalwa nenkohlakalo ababezifihlile, ngesikhathi somkhankaso wokuphepha ezingozini zomgwaqo kulesi sifundazwe, iProject Arrive Alive.
Ngokwesitatimende esikhishwe ngabakwaRoad Traffic Management Corporation, uHleza waboshwa ngonyaka olandelayo okuthe ngesikhathi kuqhubeka icala ababili ababezifihlile bafakaza enkantolo, inkantolo yanquma ukumlahla ngecala.
Kuthiwa uwavumile amacala abekwe wona, wanikezwa lesi sigwebo kanti uphinde walengiselwa isigwebo iminyaka emihlanu engatholakali necala elifanayo.
Kuthiwa waqala watholwa enecala ngaphakathi emsebenzini ngalesi senzo, waxoshwa okuthe uma ezama ukuphikisa isinqumo sokuxoshwa kwakhe kwanhlanga zimuka nomoya.
“Njengoba kusondela isikhathi samaholidi okuphela konyaka, iRTCM ixwayisa amaphoyisa ukuthi abazobe bebhekelele ukwenziwa kwenkohlakalo bazobe bephume ngezinkani ukubhekana nezimo ezingamukelekile zokusebenza. Ukugwazisa, inkohlakalo nokunye ukwephula umthetho akulimazi kuphela isithunzi samaphoyisa omgwaqo kodwa kuholela nasezimeni ezibucayi okubalwa kuzo nokulahleka kwempilo,” kubhalwe esitatimendeni
Lolu phiko lunxuse ukuthi kuqiniswe izigwebo kulabo abazotholakala ukuthi benza lobu bugebengu, kwanxuswa nezakhamuzi ukuba zikubike lokhu ngokubhalela kwi-email ethi [email protected] noma inombolo kaWhatsApp ethi: 083 293 7989.