UNGQONGQOSHE wezaMahlathi, ukuDoba nezeMvelo, uNkk Barbara Creecy, uxwayise ngobungozi izwe elingazithola libhekene nabo uma ungasetshenziswa ngokucophelela umhlaba.
Ukusho lokhu izolo njengoba umhlaba jikelele ubukade ubungaza uJuni 17 njengosuku olwaziwa ngokuthi iDrought and Desertification Day.
Isiqubulo sakulo nyaka besithi: “United for Land: Our Legacy. Our Future.”
Lapha bekuqhakanjiswa ukubuyisela umhlaba esimeni sawo, kuncishiswe ukusetshenziswa kwawo ngendlela engenza ungabe usaba nempilo futhi kuliwe nesomiso.
UNkk Creecy uxwayise ngokuthi indlela okusingethwe ngayo umhlaba wezwe ibeka engcupheni ezempilo nokukhiqiza.
“Ukwanda kwesibalo sabantu, okuhambisana nokukhiqiza nokusetshenziswa komhlaba okungajwayelekile, kufaka ingcindezi ekukhiqizweni kwamagugu ambiwa phansi. Lokhu kwenza umhlaba usetshenzwe ngendlela engajwayelekile,” kusho uNkk Creecy.
Uqhube wathi isimo somhlaba wezwe sithinta wonke umuntu ngakho ukunakekelwa kwawo kumele kube wumsebenzi wawo wonke umuntu.
Ukhuthaze abantu nabamahlelo ehlukene ezweni ukuthi beseke imizamo nezinhlelo okuhloswe ngazo ukuvikela nokubuyisela umhlaba esimweni sawo.
“Inhlalonhle nempilo yomphakathi, ikakhulukazi emakhaya, kuncike kakhulu ekusetshenzweni komhlaba. Umhlabathi ubalulekile ukuthi kukhiqizwe ukudla, kukhiqizwe ugesi, amanzi okuyizinto ezibalulekile ekuphileni kwabantu. Ngakho ukusebenzisa budlabha umhlaba kuphazamisa indlela yokuphila,” kusho ungqongqoshe.
Uveze ukuthi uma babantu besebenzisa umhlaba ngendlela eyamukelekile, lokho kuzobenza bakwazi ukubhekana nesimo sokuguquka kwesimo sezulu ikakhulukazi ezindaweni okubhoke khona isomiso.
Ubalule nokuthi umhlaba ubalulekile ekukhulisweni komnotho ngezolimo, amahlathi namagugu ambiwayo ukuze kukhiqizwe ukudla nezinye izimpahla.
“Ngakho kubalulekile ukongiwa komhlaba futhi kulandelwe imigomo eyiyo yezolimo,” kusho ungqongqoshe.