UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal unxusa abafundi abebebhala iphepha lokugcina lika-matric izolo, ukuthi baziqhelise nokuhambela imibhiyozo yokujabulela ukuqeda ukubhala egcina isinobungozi.
Yize umnyango uveza ukuthi ukubhalwa kwezivivinyo zika-matric kulo nyaka kuhambe kahle njengoba iningi labafundi belibhala iphepha lokugcina lesiNgisi izolo, kodwa unxuse ukuthi baqhubeke nokuziphatha ngendlela nakuba sebeqedile ukubhala.
“Njengoba sihalalisela abafundi ngokufinyelela kulesi sigaba kodwa siyabanxusa ukuthi baqhubeke nokuziphatha kahle. Siyakugxeka kakhulu ukudatshulwa kwemifaniswano yezikole okuvamise ukwenziwa abafundi, okukholakala ukuthi bakwenza njengophawu lokujabula,” usho kanje.
Ubonge iqhaza labo bonke abebeyingxenye yokubhalwa kwalezi zivivinyo njengoba kuthiwa azikho izinxushunxushu ezibikiwe.
Ukubhalwa kwalezi zivivinyo kuqalwe ngo-Okthoba 30 kanti basekhona abafundi abazoqhubeka nokubhala ezinye izivivinyo ezithathwa njengezifundwa ezikoleni ezithile kuphela njengoba kuzothi ngoLwesithathu oluzayo kubhalwe iphepha le-Information Technoloogy okuzobe kungelokugcina ezivivinyweni zaleli banga kulo nyaka.
Ukuphothulwa kokushicilelwa kwamamaki aleli banga kuzoba ngoDisemba, 23, kanti ukumenyezelwa kwemiphumela wuNgqongqoshe woMnyango weMfundo eyiSisekelo kulindeleke ukuthi kube ngoJanuwari, 18, 2024 bese kuthi ngakusasa imiphumela itholakale ezikoleni.