KULINDELEKE ukuthi ilekelele ekwehliseni isiminyaminya esenzeka uma kungamaholidi kaDisemba imishini ezovula omunye umgwaqo ukuze kunqandeke ukungahambeki edolobheni laseJozini ngesikhathi samaholidi.
UNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zasemaKhaya KwaZulu-Natal, uNkk Madlopha Mthethwa neMeya yaseJozini uMnuz Mfananaye Mathe, bethule imishini namaloli azosiza ekutheni akhe lo mgwaqo ngokushesha.
Lo mgwaqo uzokwenziwa ukuze kuphungule isiminyaminya sezimoto edolobheni njengoba kuzobe kutheleke abantu abasuka emadolobheni amakhulu beya emakhaya beyodla uKhisimusi noNcibijane.
Ekhuluma ngalezi zinsiza abebezozethula, uMadlopha uthe isimo siba sibi kakhulu uma kungamaholidi, ngakho babone kungcono ukuthi baqhamuke naleli qhinga.
“Siyabonga kuMasipala waseJozini oholwa uMathe ngalengqalasizinda. Mina ngingowalapha kuleli dolobha ngakho ngiyayazi inkinga ebakhona njengoba kunomgwaqo owodwa odala esikhulu isiminyaminya njengoba kuza abantu nje. Ungumholi, Mathe njengoba abantu ngaso sonke isikhathi kumele beze phambili. Kuningi okusamele ukwenzele abantu, siyathemba ukuzokwethula le mishini ezoqala ukusebenza manje kuzowenza umehluko esizowubona kula masonto azayo,” kuchaza yena.
UMathe uthe le mishini ngeke igcine ngokwenza lo mgwaqo edolobheni kodwa izosiza nakuwona wonke amawadi angu-23 angaphansi kwabo.
“Le mishini nalamaloli ngeke kugcine nje ngokuvula lo mgwaqo, sekungokwethu sikuthengile ngemali engu-R31 million, ngakho kuzoqhubeka nokwenza ezinye izidingo emphakathini. Sinenkinga enkulu la eJozini yemigwaqo yasemakhaya ngakho ukuba nemishini yalolu hlobo kuzokwenza omkhulu umehluko kubantu,” kuchaza yena.