ISILO samabandla, uMisuzulu kaZwelithini sithe sekusicacele ukuthi umbango wesihlalo sobukhosi esihlezi kusona uyoze uphele mhla sangena ethuneni.
INdlulamithi isho lokhu igcoba ngokusemthethweni inkosi yaseMbongombongwane, inkosi uMzamo Buthelezi emcimbini obusoPhongolo. Kulo mcimbi obugqame ngemvunulo yamabutho, iSilo sikubalulile ukuthi uButhelezi uyinkosi yesibili ayigcobayo selokhu engene ebukhosini.
UButhelezi ungeniswe esibayeni, okuyisiko lakulesi sizwe uma kugcotshwa inkosi. Uhashwe kwaqhuma nemikikizo obekuyingxenye yenjabulo ebikhonjiswa yilesi sizwe.
ISilo sitshele inkosi yaseMbongombongwane ukuthi ibekezele esihlalweni ngoba akulula.
“Sengize ngazinikela sizwe sikaMageba ukuthi sengiyoze ngibizwe wuNkulunkulu ngilokhu ngikhonjwa ngibangiswa...,” kugonyuluka iNdlulamithi.
UMisuzulu KwaZwelithini uthe usuku olunjengalolu lumenza ahlengezele izinyembezi.
"Ukuba awukho lo mndeni wakwaButhelezi ngabe angikho mina. UMntwana wakwaButhelezi wamela iqiniso lesizwe kusukela ngimncane. Wangelusa kusukela kuhamba uMdlokombane, wenza isiqinisekiso ukuthi ngiyahlala esihlalweni," kusho INdlulamithi.
Uthe ubonga kakhulu iSilo esimzalayo uGoodwill KaZwelithini.
"Njengoba ngilapha ngizoqhubekeza ukuzofeza lokho uMdlokombane angakuqedanga. Le nkosi esingayo lapha, uMdlokombane wayivuma ukuthi iyinkosi yaseMbongombongwane.
Lo mcimbi ubuhanjelwe nawuNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana kuzwelonke ophinde abe umengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uSomlomo wesifundazwe uNksz Nontembeko Boyce noNgqongqoshe wezokuSebenza koMphakathi, uMnuz Martin Meyer.
UNtuli uthe usuku lokugcotshwa kukaButhelezi luyingqophamlando kuZulu wonkana.
"Kuyingqayizivele ukuthi lolu suku ngiluzwe luxoxwa yilungu lomndeni woMntwana wakwaPhindangene. Ukwethulwa kwenkosi yesizwe kusho ukuvunywa kwayo kwalabo abasaphila nalabo abangasekho futhi ukuphepha kwamakhosi kuseqhulwini," kusho uNtuli.
Inkosi yaseMbongombongwane ebibekwa, ibonge bonke abebehambele lo mcimbi, yathi kucacile ukuthi nala kungekho qhude kuyasa.
"Uhambo lwami ekuholeni, wuhambo losizi nezinyembezi. Lolu suku lufakazela iqiniso ukuthi uThixo akabbubheki ubuso bomuntu. NaseMbongombongwane namhlanje (esho izolo), liphumile ilanga. Ngabe ngijabula kakhulu ukuba uMntwana wakwaPhindangene ukhona phakathi kwethu ngoba indawo iMbongombongo eyakhe. Ngicela ukuphosa inselelo nasemakhosini ukuthi asisingathe isihlalo futhi asilwele," kusho inkosi uButhelezi.