UBUYELA namhlanje eNkantolo yeMantshi yaseMtshezi lapho kulindeleke ukuthi acele khona ibheyili, osolwa ngokubulala unobhala wesikhashana ehhovisi le-IFP eWeenen, odutshulwe ngenyanga edlule.
UMnuz Sithembiso Xulu (22) ubingelele inkantolo ngesonto eledlule emva kokuboshelwa icala lokubulawa kukaMnuz Mthokozisi Ngqungqulu Sithole (35) obewuNobhala we-IFP esifundeni iMbabazane eMtshezi.
USihlalo we- IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uthe nakuba bekushayela ihlombe ukuboshwa kukaXulu, kodwa banxusa ukuthi kuqhubeke nokuphenya okuzoholela ekuboshweni kukangqondongqondo kuleli cala.
“Njengeqembu, sihleze sikubeke eqhulwini ukwenzeka kobulungiswa emphakathini, ukuphepha, ukuhloniphana nokuhlalisana ngendlela enobuntu kwazo zonke izakhamuzi. Sinxusa ukuthi umphakathi usebenzisane namaphoyisa, ulekelele lapho kudingeka khona ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka. Sikhulekela umndeni nabathandiweyo bakaSithole ngalesi sikhathi sobunzima,” usho kanje.
Ukubulawa kukaSithole kwandulele ukusocongwa kwekhansela le-IFP kuMasipala waKwaNongoma uMnuz Ndukenhle Duma, odutshulwe ephikelele emhlanganweni wamakhansela eMtubatuba emasontweni amathathu edlule.
Kulesi sigameko kwafa umfundi kwalimala kabi abanye, ababesemotweni ethwala abafundi, eyathelwa amachaphazelo ngesikhathi kubulawa uDuma.