KUMISWE ukufunda, enyuvesi yasoNgoye, emva kokuhlaselwa kwezitshudeni kwenye yezindawo zokuhlala, ngoLwesibili ebusuku, ngabaphangi ababehlomile.
Kubikwa ukuthi bafike bakhahlela izicabha, bashaqa nempahla yezitshudeni, okubalwa ama-laptops namaselula.
Kuthiwa kusize umphakathi nokufika kwamaphoyisa ngesikhathi kugasela lezi zigilamkhuba ezibizwa ‘ngamadabuka’, endaweni yokuhlala izitshudeni iBlue Waters, eVulindlela, eDlangezwa.
Ongumqondisi wezokuxhumana Ongoye, uNkk Gcina Nhleko-Mdluli, ukuqinsekisile ukuvalwa kwesikhungo.
“Yebo zikhona izitshudeni ezihlaseliwe, ngoLwesibili, kodwa abekho abalimele. Sibone kungcono ukuthi sivale isikhungo, ngenxa yokwethuka kwezitshudeni.
“Okwamanje alukho usuku olunqunyiwe okuzoqhubeka ngalo ukufunda. Sisazolinda kudambe isimo, kwehle namaphaphu,” kubeka uNkk Nhleko-Mdluli.
Usihlalo wenhlangano emele abafundi iSASCO uSiboniso Gamede, uthe izigameko ezifuze lezi ziyinsakavukela kulesi sikhungo.
“NgoLwesibili ebusuku, kweminye yemiqasho kungenelwe izitshudeni, zathathelwa impahla yazo, okubalwa nama-laptops. Indala lento ayiqali ukwenzeka, kudala aqala amadabuka ukuhlupha izitshudeni, ngokuzihlasela,” kubeka uGamede.
Eqhuba uthe nango-2019, kwadutshulwa isitshudeni, behlaselwa yiwo amadabuka. Kwaze kwafika nongqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele, ngalowo nyaka, kodwa namanje basakhala esifanayo.
Ngokusho kwekhansela lika-Ward 34, lapho kwakhiwe khona lesikhungo, uMnuz Ntuthuko Makhanya, uthe lento iqale ukwenzeka ngeviki eledlule.
Uthe laba bangene kweminye yemiqasho yakwaBhengu, baphanga izitshudeni nezimpahla zazo. Kuleso sigameko, izimpahla zibuye zatholakala ngemva kokungenelela komphakathi. Njengoba sekwenzeka naku-Ward 30, ngaphansi kwekhansela uMnuz Cebo Mlambo.
“Lento indala, besiba nayo imihlangano nesikhungo ngalenkinga yokuhlaselwa kwabafundi, yaphinde yayekwa, njengoba isiqale phansi nje.
“Kumanje sizoba nomhlangano ntambama naso isikhungo, iSRC kanye nomastende bezindawo ezihlala izitshudeni, ukudingida ngalo ludaba”, kubeka uMnuz Makhanya.
Uthe bazokhipha umgomo ophoqa omastende ukuthi baqashe inkampani, ezoqapha izindawo abahlalisa kuzo izitshudeni. Uma behluleka ukwenza lomyalelo wokuqinisa ezokuphepha, bazophucwa igunya lokuhlalisa izitshudeni ezindaweni zabo.
Ikhansela laseVulindlela, uMnuz Cebo Mlambo, ethintwa yintatheli yeSolezwe, uthe bayalwazi udaba, basabize umhlangano neSRC, isikhungo kanye nomastende ukuthola kabanzi ngomonakalo owenzekile.
“Udaba olunjalo, lwenzeke ngoLwesibili ebusuku kanti njengamanje ngibheke emhlanganweni. Izitshudeni zihlaseliwe emqashweni yaseBlue Waters, zathathelwa impahla.
Yilokho engingakusho okwamanje, okuningi nami ngisakubone ezinkundleni zokuxhumana. Ngisabheke emhlanganweni ukuthola ukuthi kwenzekeni ngampela”, kuphetha uMlambo.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda, emva kokuthola ucingo lokuphangwa kwezitshudeni eDlangezwa, amaphoyisa aseMthunzini, anikele kule ndawo.
Uthe afice amalungu omphakathi endaweni yesigameko. Kube sekuba khona ukudubulana nemoto yabasolwa abagcine ngokubaleka ngezinyawo kanti kugcine kubanjwe ababili. Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze nje.