KUVALWE amaculo nemidanso engesiyona eyamaNazaretha ebese kudla lubi ngaphansi komholi webandla lakwaShembe, inkosi uMduduzi uNyazilwezulu Shembe.
Lesi simemezelo senziwe yinhlalisuthi yoNyazilwezulu eBuhleni ekhale ngokuthi iningi lamaculo abese esetshenziswa ngabaningi kuleli bandla abehamisana nomoya ongcolile okungesiwona okaShembe.
Lesi simemezelo esiqoshwe ngeselula kukhuluma inhlalisuthi yoNyazi senziwe eBuhleni muva nje.
Kusona kuthiwa: “Amaculo okungesiwo ebandla, nemidanso eyenziwa ebandleni kuvaliwe. Akusavumeleke noyedwa oyophinde abonakale noma azwakale ecula iculo okungesilona elebandla. Ofuna ukucula akasebenzise izihlabelelo zebandla enze ngendlela okwenziwa ngayo ebandleni lamaNazaretha oNyazilwezulu. La maculo nemidanso awahambisani nomoya ongcwele woNyazilwezulu kodwa anomoya ongcolile kaSathane. Oyotholakala ecula noma enza le midanso uzothathelwa izinyathelo ezinqala ngaleso senzo,” lisho kanje.
Udaba yokucula amaculo okungesiwo awakaShembe kuleli bandla bese ludla lubi. Bekuze kube khona nama-video abegcwala ezinkundleni zokuxhumana lapho bekuvela khona abanye babashumayeli beshaya ivosho esontweni kuchwaze. Kuthiwa bese kuwumkhuba owandile nokungaziwa ukuthi uqale kanjani njengoba abantu bese bezenzela umathanda ebandleni.
Obekuthusa kakhulu ukuthi abagcotshwa bebebonakala beshaya ivosho begqoke imijiva yebandla baphinde bacule namaculo okungewona awamaNazaretha, nobekushiya abanye bedidekile ukuthi kuseyibandla likaShembe yini leli okwenziwa kulona kanje.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe bajabule kabi ngokuvalwa kwale mikhuba ebiyenzeka esontweni.
“Bonke laba abebegila le mikhuba bebeyiqala uma sebefuna ukuqola abantu imali. Bebecula lezi zingoma abebehlose ngazo ukufuna imali emakholweni. Esikuqaphelile ukuthi ngaphezu kokuthi bebefuna imali, bebengcolisa negama loNyazilwezulu ngoba lo mkhuba bawuqale sekunguye osesihlalweni. Abakaze bayenze lento kubaholi abedlule. Bese kuyinto esiyandile okungaziwa nokuthi izonqadwa kanjani. Uma sebefuna imali bese beze babe nezindlela zabo zokuyifuna njengoba bese kunamatemu abawasebenzisayo bethi ‘Akushaywe uthando’. Ubuwazi ke ukuthi uma sekushiwo njalo sekufuneka imali bese ziyaqala lezi zingoma kuqhume nevosho khona esontweni. Sinezihlabelelo zamaNazaretha ezingu-242 abantu abangazisebenzisa noma bejabule bazicule uma bese sontweni,” kusho uMncwabe.
Njengoba amaNazaretha esemhlanganweni kaJulayi, uMncwabe uthe bazilile, abazithinti izinto eziningi njengokudla isinkwa nenyama yenkukhu.
“Kuzoqala imigidi yezintombi nto ezohlukana izigaba eziyisikhombisa njengoba sezihambise izintingo eNtanda, zaphinde zahlolwa ubuntombi. Emva komgidi wezintombi kuzoqala owenhlalisuthi obizwa ngenjobo, kube yizikotshi bese kuza umbhabhadiso, kuphume imishado nokukhethwa kwezintombi nto Esipholi (Ebhentshini),” usho kanje.
Kuthiwa ukuzila inyama yenkukhu kungenxa yokuthi yenza abantu bafudunyalelwe yigazi bese befuna ukuya ocansini kanti nalo luziliwe njengoba kunomhlangano kaJulayi.
Kuthiwa noma ngabe awuyile emhlanganweni kaJulayi, uma uyiNazaretha kuyaphoqa ukuthi uzile konke okuzilwayo lapho ukhona.