AMAPHOYISA aseGauteng aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa ababulale umfundisi kwalimala namalungu amabili ebandla.
Lokhu kwenzeke esontweni eliseDiepsloot ngoLwesihlanu ebusuku ngo11.45
Ngokombiko wamaphoyisa, abasolwa abahlanu abebehlomile bagasele kuleli sonto bavulela ngenhlamva bagebenga namakholwa.
“Kudutshulwe umfundisi namalungu amabili ebandla, amanye amalungu ebandla athathelwe izinto zawo ngaphambi kokuthi abasolwa babaleke,” kusho u okhulumela amaphoyisa eGauteng.
Kuthiwa abalelwa ku-50 amakholwa abekuleli sonto ngesikhathi egetshengwa imali namafoni.
“Umfundisi ushone efika esibhedlela, kanti ababili adutshulwe nabo basesimeni esibucayi kakhulu,” kuqhubeka u
Amaphoyisa aphenya icala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokugebenga.