UNGQONGQOSHE wezokuVakasha uNksz Lindiwe Sisulu ushaqekile ngokuhlaselwa kwezivakashi ezine ezidabuka eGermany ezihlaselwe eMpumalanga.
Izivakashi ezine bezihamba ngeHyundai ngesikhathi zihlaselwa emgwaqweni uNumbi zisendleleni eya eNumbi Gate.
Zivinjwe amadoda amathathu abehlomile ehamba ngeVW Caddy. Kuthiwa abasolwa bayalele izivakashi ukuba zivule izicabha zemoto, kodwa umshayeli wazikhiya nokuyilapho adutshulwa khona.
Umsolwa oyedwa udubule engaphandle umshayeli washayeka ngenhla emzimbeni. Abagilwa bahlehlise imoto bezama ukubaleka kanti bazoshayisa udonga lweHeroes Academy.
Ungqongqoshe uzwakalise ukudumala ngalesi sehlakalo esenzeke ngesikhathi izwe lamukela izivakashi ezibuya emazweni aphesheya, nokuyinto esinesikhathi ingenzeki kwazise le mboni yavalwa ngenxa yeCovid-19.
“Ngithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani besivakashi esibulewe kulesi sigameko. Nginxusa nezinhlaka zomthetho ukuba zisebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi bayabanjwa,” kusho ungqongqoshe ngesitatimende.
Uqhubeke wathi isehlakalo sizoba nomthelela omubi kule mboni, ikakhulukazi ekuheheni izivakashi zakwamanye amazwe nokuyinto engabeka umnotho engcupheni kuphazamiseke namathuba omsebenzi adalwa wukubakhona kwezivakashi.
Akukaboshwa muntu ngalokhu, amaphoyisa aseMpumalanga anxusa umphakathi ulekelele ngolwazi olungaba wusizo. Uma kukhona onolwazi ngabasolwa, angashayela iCrime Stop ku-08600 10111 noma athumele imininingwane kwiMYSAPSAPP.
AbeKruger Lowveld Chamber of Business and Tourism bakhiphe umklomelo kaR50 000 ngolwazi oluzolekelela kuboshwe abasolwa kuleli cala.