ZIYIME emthumeni emaqenjini ezepolitiki aphezu kwezingxoxo zokubambisana komasipala abakhulu bakuleli okungekho kubo iqembu elinqobe ngamalengiso.
Nakuba selusondele usuku oluwumnqamulajuqu wokuba omasipala bakhethe izimeya ezintsha, amaqembu ezepolitiki kawakafinyeleli ezivumelwaneni zokubusa ngokubambisana kulabo masipala.
Phakathi komasipala okuthombe ukhiye kubona, kubalwa inhlokodolobha yezwe, iTshwane, isizinda somnotho wezwe iJohannesburg kanye nesizinda somnotho waKwaZulu-Natal, iTheku.
Usuku lokugcina lokuhlala kwemihlangano yokuqoka izimeya uMsombuluko.
Izolo i-EFF imemezele ukubhuntsha kwezingxoxo zokubambisana ebinazo ne-ANC.
Kanjalo neDA imemezele ukuthi asikho isivumelwano esifinyelele kuso namaqembu exoxa nawo.
Omabili la maqembu abalulekile ezingxoxweni zokubusa ngokubambisana njengoba kuyiwo alandela i-ANC ngokwamavoti.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe angeke basebenzisane ne-ANC kulabo masipala.
Lokhu kubeka amathuba e-ANC okubusa ngokubambisana labo masipala engcupheni njengoba amaqembu amaningi, okubalwa kuwo iDA ne-ActionSA, evele eseshilo ukuthi angeke asebenzisane nale nhlangano.
UMalema uthe i-ANC ihlulekile ukuhlangabezana nemibandela ebibekwe yi-EFF etafuleni.
Phakathi kwemibandela kubalwa ukuphasiswa komthetho wokuba kudliwe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, ukufakwa kweBhange loMbuso ngaphansi kukahulumeni nokukhishwa kwengxenye yesiBhunu eculweni lesizwe.
“Ubuholi be-ANC busithatha kancane. Bahluleke ukuhlangabezana nemibandela elula ebesibabekele yona. Bona nje into abebezimisele ngayo ukuxoxa ngokwabelana izikhundla," ubeke kanje.
UMalema uthe bazokweseka i-IFP komasipala baKwaZulu-Natal lapho kungekho iqembu eliwine ngamalengiso khona.
Kunomasipala abangaphezu kuka-18 kulesi sifundazwe lapho kungekho qembu eliwine ngamalengiso.
Ngakolunye uhlangothi, umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe asikho isivumelwano abasakwazile ukufinyelela kuso namaqembu amancane abaxoxa nawo.
Leli qembu lixoxa ne-ActionSA, FFP, ACDP, UDM ne-IFP.
USteenhuisen uthe akulula ukuba bakwazi ukushesha bafinyelele esivumelwananeni nalezi zinhlangano njengoba izinkolelo zabo zingefani.
Osekwenze yaba nzima indlela yaleli qembu wukuthi elinye lamaqembu amancane ebelixoxa nawo, iPA, imemezele ukuthi izosebenzisana ne-ANC.
I-DA ayifuni ukusebenzisana ne-ANC kanye ne-EFF.
USteenhuisen uthe bancamela ngisho ukuba yiqembu eliphikisayo kulabo masipala kunokuba basebenzisane ne-ANC kanye ne-EFF.
I-EFF nayo ngakolunye uhlangothi ikubeke kwacaca ukuthi angeke isebenzisane neDA.