AMAPHOYISA avundulule umshini okhiqiza izinhlamvu ehostela laKwaMashu, okuthiwa seliphenduke inkundla yokubulawa kwabantu.
Kuthiwa amaphoyisa, abehambisana nonogada, agasele kungazelele muntu endlini obekukhona kuyo lezi zinto, ngeSonto ekuseni.
Kuthiwa afike asesha yonke indlu, okuyilapho evuke khona nensada yezinhlamvu, umshini wokuzikhiqiza nezinye izinsiza zokwenza izinhlamvu.
Ngokombiko umnikazi wale ndawo ubengabonwa nangalukhalo.
Ngokuthola kweSolezwe, amaphoyisa asola ukuthi umnikazi wendawo nguye osabalalisa izinhlamvu azinike abantu abaqhumisa izimoto ezithwala imali nabenza obunye ubugebengu obunhlobonhlobo.
Inani lempahla eshaqiwe lilinganiselwa ku-R1 million. Kwenzeka lokhu nje kusanda kuba nezigameko zokubulawa ngokudutshulwa kogada, baphucwa izibhamu kulona leli hostela.
Ngalo isonto eledlule kuke kwaqhunyiswa imoto ethwala imali enxanxatheleni yezitolo, iBridge City, bude buduze nalo ihostela.
Phambilini abahlali basehostela batshele Isolezwe ukuthi sekukwalasha kule ndawo lapho okuqothwa khona abantu.
Izolo ikhansela lale ndawo, uMnuz Mzwethu Gwala, lithe lizwile ukuthi amaphoyisa abekade ekhona, lase libona nezithombe kodwa kalinaso iqinisekiso.
Uthe sekuphenduke insakavukela ukuqothwa kwabantu ehostela, akwenzeki kuphele impelasonto bengabulawanga noma abathathu.
“Mina engikwaziyo wukuthi ehostela kufe abantu abangu-10 kuleli sonto esiphuma kulona. Lezi zigameko zibangelwa wubugebengu obukhona nokuthi kunamaqembu ‘ango-kalithintwa’ avikelwayo,’’ kusho uGwala.
Uthe ziningi izinto ezenzakayo ehostela ezifihlwayo, njengale yokutholakala komshini wezinhlamvu.
UGwala uthe amaphoyisa afike amthene amandla uma ephakamisa izinhlelo zokulwa nobugebengu kule ndawo.
“Amaphoyisa athi kumele kufakwe ubuholi bomdabu, kube yibona obubhekana nenkinga yobugebengu kule ndawo,’’ kusho uGwala.
Okhulumela inhlangano, Ubunye bamaHostela, uMnuz Mthembiseni Thusi, uthe ngeke kwabamangaza uma kungukuthi amaphoyisa athole lezi zinto ehostela uma ubheka indlela okubulawa ngayo abantu kulona.
Uthe isimo sakuleli hostela siyathusa ngoba kubukeka sengathi nsuku zaphuma abantu balahlekelwa bayabulawa.
“Noma ngabe yiyiphi into ethinta ukufa komuntu, okanye isikhali, isibhamu, ummese nemoto entshontshiwe, uma kutholakala ehostela amaphoyisa kumele enze isiqiniseko sokuthi ayababopha labo bantu,’’ kusho uThusi.
IDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal ithe umshini oshaqiwe ukhiqiza izinhlamvu ezingu-100 000 ngosuku.
UNksz Sharon Hoosen oyiLungu lesiShayamthetho leDA elubhekele ezokuphepha nokuxhumana nomphakathi, ushayele ihlombe amaphoyisa nonogada wathi adinga ukwesekwa ubuholi bawo obuphezulu ekutholeni abasolwa.
"Sekuyisikhathi sokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uBheki Cele aziveze ahlinzeke amathimba amaphoyisa akhethekile azobopha abasolwa. Ukuboshwa kwabo kuzokhulula abantu baKwaZulu-Natal abahlalele ovalelweni ngenxa yezigebengu," kusho uNksz Hoosen.
OKlebe KwaZulu-Natal bathe bebengakabikelwa ngalesi sigameko. Namaphoyisa esifundazweni acelwe ukuba aphawule ngalolu daba, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga.
Ingqapheli yodlame KwaZulu-Natal, uNkk Mary de Haas, uthe idinga ukuphenyisiswa eyokuthi uphumaphi lomshini, zidayiselwa bani izinhlamvu nokuthi labantu bahlangene nobani bese kushushiswa abazoboshwa.
Uthe kuyicala elibomvu ukutholakala nalolu hlobo lo mshini ongeke uluthole noma ikuphi.
"Izigebengu zithatha ihostela laKwaMashu njengesidleke sazo okuyinto esiyenzeke iminyaka. Ziphuma ziyohlukumeza abantu abangenacala futhi kunzima ukulwa nobugebengu kuleli hostela njengasezindaweni eziyimijondolo," kusho yena.
--