USHAQEKILE umphakathi, kutholwa izinsalela zesidumbu somuntu zithukuswe esimobeni, e-Everest Heights, eVerulam izolo.
Okhulumela inkampani yonogada i-Reaction Unit of South Africa uMnuz Prem Balram, uthe bezwe ngomunye obedlula, ozithele phezu kohlaka lwamathambo okungasabonakali ubulili nobuhlanga.
“Amalungu ethu ahambe ibanga elingamamitha awu-20 ukuchezuka emgwaqweni engena esimobeni. Athole izinsalela zalesi sidumbu, ebesigqokiswe ibhulukwe okungasabonakali kahle noma laliluhlaza sasibhakabhaka noma limpunga. Isikibha esibomvu sitholakale ebangeni elifushane ukusuka lapho kutholwe khona amathambo,” kusho uBalram.
Uthe amathambo asezinyaweni awatholakalanga okukholakala ukuthi athathwa yizinja zakomakhelwane, yize kungaqinisekisiwe.
Emva kokuthi abakwaRUSA befake lolu daba enkundleni yabo yezokuxhumana iFacebook, abantu bakhombise ukushaqeka ngalesi sigameko, bebabaza izinga lokubulawa kwabantu esifundazweni.
“Engabe uma kungabuyiswa isigwebo sentambo kungasiza ukuqeda lokhu kubulawa kwabantu okungenasidingo,” kusho uLebogang Koloko.
“Mhlawumbe umndeni sewafuna wancama,” kusho uBusisiwe Sibiya.
“Ikuphi le ndawo? Uzakwethu wesilisa esisebenza naye selokhu anyamalala ngoKhisimusi esedolobheni eThekwini akaphindanga wabuya ekhaya. Mhlawumbe uyena nje,” kusho uSindi Dlakama.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseVerulam avule idokodo lophenyo ngokufa komuntu.