BANGASE babe senkingeni abagcotshwa baseBuhleni okuthiwa baxakazise uMfundisi waseGinyezinye becasulwa wukuthi ugqoke umjiva enkonzweni yomngcwabo wakubo ebiphethwe yibona.
Isolezwe lithole ukuthi uMfundisi Joseph Mhlongo waseGinyezinye nophinde akhulumele lolu hlangothi, kuze kwaphoqa ukuthi angayi ngisho emathuneni kungcwatshwa udadewabo nomfowabo, exakaziswa abagcotshwa baseBuhleni eMphushini, eFolweni, emasontweni amabili edlule. IGinyezinye iholwa yinkosi Sizwe Shembe, uMudliwamafa.
Kuthiwa uMfundisi Mhlongo ubesemngcwabeni womndeni, kushone udadewabo nomfowabo ngesikhathi ehlelwa yilo mshophi.
“Ubaba omncane oshonelwe ukhonza eBuhleni mina ngikhonza eGinyezinye. Bengiyongcwaba izingane zakhe ezishone ngokulandelana. Kuqale kwashona intombazane ebigula ngoLwesibili, kwalandela umfana obesengozini yemoto ngoLwesine. Ngesikhathi igula indodakazi kababa omncane yimina obehlala eya esibhedlela ngiyoyibheka njengodadewethu. Inkinga iqale uma ngifika enkonzweni yesikhumbuzo sezingane zakithi.
“Ngifike khona ngigqoke umnazaretha kodwa ngangahlala nabagcotshwa, ngahlala nomndeni ngoba bengazi ukuthi inkonzo iphethwe abaseBuhleni. Kuze kumina omunye wabagcotshwa engitshela ukuthi sengathi kuzoba nenkinga ukuthi ngigqoke umjiva uma kukhona bona. Ngibabuzile ukuthi inkinga ikuphi ngoba ngeke ngikwazi ngisho ukuphatha inkonzo ngoba ngiyilungu lomndeni oshonelwe,” kusho uMfundisi Mhlongo.
Uthe emva kwalokho, lo mgcotshwa uphindele emuva wayokhuluma nabanye abagcotshwa baseBuhleni. Uveze ukuthi babheke kuyena bamkhombisa ngezandla ukuthi akunankinga. Yize kunjalo uthe ubebona ukuthi banenkinga ngaye.
“Ngosuku lokungcwaba ngixakaziswe yelinye ilungu laseBuhleni elingeyena ngisho umgcotshwa, lingibamba ngomjiva lizama ukungikhumulisa wona phambi kwabantu. Kuvele kwacaca ukuthi nabagcotshwa bayazi ngale nto eyenziwa yilo mfana njengoba bevele bazibukela nje, bangakhuza. Kuze kwasuka abafowethu abangewona amaNazaretha bafuna ukulwa kwasuka umsindo khona emngcwabeni. Kuze kwaphoqeleka ukuthi ngingayi ngisho emathuneni ngasala ekhaya ngoba impi ibingafuni ukunqamuka njengoba bese nginqabile ukukhumula umjiva,” usho kanje.
Uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi akakwazanga ngisho ukubeka itshe kufihlwa izingane zakwabo ngenxa yabantu abangenzisanga okwamakholwa. Uthe okumphatha kabuhlungu kakhulu ukuthi uyazi ukuthi iNkosi Mduduzi Shembe (uNyazilwezulu) kaluhambisani nale nto eyenziwe abagcotshwa balo. Lokhu kungenxa yokuthi enkonzweni yokuqala konyaka lukuvezile ukuthi amaNazaretha awahloniphe imindeni uma ishonelwe.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe sebezwile ngalesi sigameko.
“Sizobikelwa iNkosi uNyazilwezulu. UBaba uNyazi alukuvumi lokhu abakwenzile, kumele kube nezinyathelo ezithathwayo ukunqanda izimo ezinje nangomuso. Wonke umuntu wamukelekile ukuthi angahlangana nezihlobo zakhe ngaphandle kokuphazanyiswa ngoba esohlangothini oluthize lwamaNazaretha.
“Mina nje nginazo izihlobo eKuphakameni naseThembezinhle futhi ngiyahlangana nazo njengomndeni wami, angiphazanyiswa wumuntu yize ngaziwa ukuthi ngihamba nobaba uNyazilwezulu. Okunye abantu kumele bazi ukuthi ukuba nezinhliziyo ezimbi kwabantu baseBuhleni akuwona umthetho webandla kodwa basuke befike nazo bangaphenduki noma sebebhabhadisiwe. Ukuba nezinhliziyo ezimbi lokhu abakwenzile,” kusho uMncwabe.
Uthe umfundisi abamxakazisile uhlonipheke kabi futhi unomlando omude kabi nenkolo yamaNazaretha. Uthe kubo kaMfundisi Mhlongo yilapho okwakufikela khona uMqaliwendlela kanjalo neNkosi iLanga belifikela kubo kusanda kuqala inkolo yobuNazaretha.