UKUTHUSHUKA kommeli omusha ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana eNkantolo eNkulu ePitoli izolo, kuqubule imibuzo emindenini yabanye abasolwa kuleli cala.
Okhulumela imindeni yabasolwa kusuka kowokuqala kuya kowesine ecaleni, uNksz Sinqobile Maphisa, exoxa neSolezwe izolo kulandela ukuhlehla kwecala lihlehlela uMeyi 2 wonyaka ozayo, usole owayengummeli wabasolwa uMnuz Malesela Teffo ngokuxova icala.
UTeffo wahoxa ekumeleni abasolwa, waphinde wasulwa ohlwini lwabameli kuleli kulandela ukuthi etholakale enecala lokungaziphathi kahle. Ukuhlehla kwaleli cala kulandela ukuthi umsolwa wokuqala uMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya nowesibili uMnuz Bongani Ntanzi, beshintshe ummeli bathola omusha, u-Advocate Sipho Ramosepele.
UNksz Maphisa uveze ukuthi ubengenalwazi ngalo mmeli omusha, wasola uTeffo ngokuba wungqondongqondo kulolu guquko lwabameli.
Kushintshe izinto ngesikhathi kuvela ukuthi ummangalelwa wokuqala nowesibili sebenommeli omusha, nokuyinto ummeli obebamele u-Advocate Timothy Thobane etshele inkantolo ukuthi naye uthole khona ekuseni izolo enkantolo ukuthi sekunommeli omusha ozomela lababo babili.
“Namuhla (esho izolo) sesivuka ngalo muntu omusha ebesingamazi. Ngibe sengibuza abakwaNtanzi ukuthi kukhona yini abakwaziyo ngalo muntubathi abamazi ulethwe uThobane. Uma sishayela ucingo uThobane simbuza naye usitshele ukuthi akamazi,’’ kusho uNksz Maphisa.
Uqhube wathi uRamosepele ungumngani kaTeffo amlethe ngoba efuna ukuchitha uThobane kuleli cala.
Uthe namanje uTeffo usazifaka kuleli cala yize engasabamele abasolwa futhi engaseyena ummeli ovumeleke ukusebenza kuleli.
“UTeffo ubelokhu esiphoqa ukuthi sixoshe uThobane samtshela ukuthi kasidlali lana ukuthi singalokhu sishintshashintsha abameli. Sifuna ukuthi leli cala liphele,’’ kuchaza uNksz Maphisa.
Uthe kuyimanje icala lihlehliselwe uMeyi okusho ukuthi abafowabo kumele bahlale esitokisini kuze kube wunyaka ozayo. Uveze ukuthi nguTeffo okhohlise umndeni wakwaSibiya.
“AbakwaNtanzi bambamba ukuthi kukhona umqondo aphezu kwawo bamtshela ukuthi banele nguye. Uqhubekile wakhohlisa abakwaSibiya ngoba vele ubaba uSibiya usemdala ukholwa yiyo yonke into ngoba ufuna umtanakhe aphume ejele,’’ usho kanje.
UNksz Maphisa uthe kusho ukuthi uSibiya ugcine ekuvuma obekushiwo wuTeffo engazi ukuthi uTeffo waphucwa izincwadi zobumeli.
“Ngimtshelile uSibiya ukuthi uTeffo akasenazo izincwadi, washaqeka ukuthi usilethele umuntu esingamazi enkantolo, esingazange simbhekisise njengoba sijwayele ukwenza ngabanye abameli ngaphambi kokuthi sivume ukuthi bazimbandakanye naleli cala,’’ kusho yena.
Uzwakalise ukukhathazeka ngommangalelwa wesibili wakwaNtanzi athe ukuhlehla kwaleli cala kuzomlimaza kakhulu ngoba yena alikho icala elimgwebile ekubeni laba abanye bavele badonsa izigwebo ngamanye amacala abalahla phambilini.
“UNtanzi uzoba senkingeni ngoba kufanele ahlale ezinye izinyanga esejele ngento angayazi,’’ kusho uNksz Maphisa.
Uthe kuyabanenga okwenzeka kuleli cala njengamanje ngoba bese benethemba lokuthi sekuqala ukulunga. IJaji Tshifhiwa Maumela likhombise izimpawu zokunengeka ngesikhathi uMshushisi woMbuso, u-Advocate George Baloyi eveza ukuthi icala kufanele lihlehle ngoba ummangalelwa wokuqala nowesibili sebenommeli omusha.
UMaumela ubuze ukuthi zaziwe nini izindaba zokuthi sekukhona ummeli omusha? URamosepele uzivikele ngelithi uqale ngokuzwa ngezindaba zokuthi angase amele abamangalelwa kuleli cala ngoLwesine, isikhathi abematasa ngaso eNkantolo yeMantshi yaseRandburg.
Ekhuluma neSolezwe uTeffo ukuphikile ukuthi nguyena ungqondongqondo ekushintshweni kommeli kuleli cala.
Uthe uyamazi uRamosepele njengomuntu obesebenza ezinkantolo, kodwa akazange alethwe nguyena ukuzomela abamangalelwa owokuqala nowesibili. Uvumile ukuthi uyaxhumana nomndeni wakwaSibiya kodwa basuke bezixoxela nje, waveza nokuthi abakwaSibiya abazange bakujabulele ukushenxa kwakhe kuleli cala.
“Kungamampunge ukuthi ngigxambukela kuleli cala. Ngahoxa ngakho akusekho okungihlanganisa nalo. Nami ngilibukela kude njengawo wonke umuntu olibuka kwithelevishini.”
Uthe uyamazi uRamosepele wathi kodwa akazange alethwe nguyena ukuba azongena esikhundleni sikaThobane.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengakatholakali abakhulumela umndeni wakwaMeyiwa ukuphawula.