KUSOLWA umngani ngezilamani ezimbili ezidutshulwe zashona eduze kwakubo, esigamekweni esishiye amalungu omphakathi ethukile esenzeke eMlaza Kwa-Q, ngoLwesihlanu ebusuku.
UMnuz Mthokozisi Nxumalo nomfowabo uMnuz Siyanda Nxumalo okuthiwa baneminyaka ephakathi kuka-20 no-24, bashonele esigamekweni ngesikhathi behlaselwa wumsolwa okuvele ukuthi bebehamba naye bephuma kwenye yezindawo zobumnandi ekhona kule ndawo.
Uyisemkhulu wezilamani, uMnuz Muzi Biyase obuye abe wusihlalo wekomiti elilwa nobugebengu endaweni, uthe akucaci ukuthi ingxabano iqale kanjani.
“Abazukulu bami ngihlala nabo kodwa lapho bedutshulelwe khona kungaphandle komuzi abazalwa kuwo oyibanga elingatheni ukusuka lapha ekhaya. Emva kokuthola umbiko, ngiyile khona. Esikutholile ukuthi umuntu owenze le nto umngani wabo abebehamba naye bekwenye yezindawo zobumnandi,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi bedutshulwa, uMthokozisi uzamile ukubaleka wangena komunye umuzi obuseduze kodwa umsolwa wamjaha wayomqedelela khona ngaphakathi.
“Ngendlela abebelimele ngayo bekungathi bekuhlinzwa inkomo. Kuyasikhathaza kakhulu ukuqhuma kwezibhamu endaweni njengoba kuyinto eyejwayelekile. Yize sisebenzisana namaphoyisa njengekomiti elibhekelele ubugebengu kodwa angigculisekile ngoba kwesinye isikhathi uyaye uthi uyamemeza uma kwehla isigameko engafiki noma azifikele ngesikhathi sawo,” kuqhuba uBiyase.
Indawo yaseMlaza ngokwezibalo zakamuva zobugebengu zekota yokuqala yonyaka-zimali u-2023/2024 ezimenyezelwe wumnyango kaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, lingelinye lamalokishi anesibalo esiphezulu sokubulawa kwabantu. Lilele isibili ngabantu abangu-62 ababulawe ezinyangeni ezintathu kuphela, phakathi kuka-Ephreli noJuni, kulo nyaka. Lilandela eduze iNanda yona okubikwe emaphoyiseni izigameko ezingu-81 zokubulawa kwabantu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMlaza aphenya amacala amabili okubulawa kwabantu.
“Amaphoyisa abizwe esigamekweni sokudubulana emgwaqweni Umdlebe. Ngesikhathi efika kulesi sigameko athole izidumbu ezimbili zinamanxeba okudutshulwa. Abasolwa nembangela yokubulala beyingakaziwa, amaphoyisa ayaphenya,” kusho uNetshiunda.