KUSOLWA umbango wesikhundla sikathishanhloko esikoleni iNogcoyi Primary KwaNongoma, kushiswa umuzi nezimoto ezimbili zikalowo okufanele angene ngokusemthethweni kulesi sikhundla ngeSonto.
Okhulumela iSadtu KwaZulu-Natal, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe abakungabazi ukuthi ukushiswa komuzi kaNkk Barbie Mbatha “ongafunwa” kuhlangene nombango wesikhundla obekufanele angene kuso maphakathi nenyanga edlule.
Uthe ngoMeyi 18, 2023, uNkk Mbatha bekufanele athathe ngokusemthethweni izintambo kulowo osekunesikhashana ebambe kulesi sikhundla.
“Kuthe sekufanele kwenzeke lokho, lona obambile osekusele isikhathi esingangonyaka athathe umhlalaphansi, wathi akakakulungeli ukunika izintambo uNkk Mbatha,” kusho uNksz Caluza.
Uthe lokhu kube sekuhlehliselwa ukuthi kwenzeke ngasekuqaleni kwale nyanga (uJuni) kodwa kwangabe kusenzeka kulandela ukuqonga kwazo izinkinga.
“NgoLwesihlanu (Juni 2) bathe bayafika othisha esikoleni ekuseni bafica kuvalwe ngezingidi ezingaziwa esangweni. Zagqekezwa, kwathi uma kungenwa ngaphakathi kwatholakala ukuthi kushiswe amagumbi amabili, phakathi kwawo kukhona negumbi lokusebenzela, ebelinawo wonke amaphepha okuthi kunikezelwe izintambo zesikhundla kuNkk Mbatha,” usho kanje.
Uqhube wathi lokhu akuphazamisanga ukunikezelwa kwesikhundla kuNkk Mbatha kodwa kuthikameze nokufunda.
“Nakho-ke manje sesikhangwa yizindaba zokushiswa komuzi wakhe nezimoto,” kuqhuba uNkk Caluza.
Uveze ukuthi isikole sinomlando wokungaphatheki kahle kothisha beSadtu nabangakungabazi ukuthi yikho okuholele ekutheni kungamukeleki ukuqokwa kukaNkk Mbatha kwesikathishanhloko.
“Sitholile ukuthi emva kwesigameko sokushiswa kwesikole ngoLwesihlanu, bekunemiyalezo ebizungeza ezinkundleni zokuxhumana ikhuluma ngakho ukuthi umuzi kaNkk kufanele ushiswe. Sifuna amaphoyisa okungesiwo awendawo aphenye, kuboshwe abantu,” kubeka uNksz Caluza.
Uthe abasawathembi amaphoyisa endawo ngoba aphuzile ukufika endaweni yesigameko ekubeni ingaqhelile. Wathi nothishanhloko unovalo ngempilo yakhe kulandela isigameko.
Uveze ukuthi basemhlanganweni nezinhlaka ezithintekayo ukuze kuqhanyukwe nezisombululo.
Imizamo yokuthola umgilwa ayiphumelelanga, ucele ukubuye athintwe ngezikhathi zantambama njengoba ebesematasa namaphoyisa. Uthe esethintwa, ucingo ubengasaluphenduli.
Kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana ethathwe ngesikhathi kusha umuzi, uNkk Mbatha uyezwakala ekhala ethi: “Amandla ami angaka! Nayi ishisa indlu yami bantu baKwaNogcoyi, kulungile! Yenzani konke enikufunayo!”
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, ukugxekile ukuhlaselwa komuzi kathishanhloko.
Uthe muva nje kushiswe amakilasi amabili esikole sikathishanhloko ngabantu abangaziwa, kwaphazamiseka ukufunda.
“Asihambisani nalesi senzo esikhombisa ubuqaba. Othishanhloko bethu kufanele bavikelwe futhi bahlonishwe. Akufanele bahlukunyezwe ngale ndlela,” kusho uNkk Frazer.
Ephawula mayelana nengqalasizinda ecekelwe phansi, uthe bayakugxeka kwazise isabelomali esibekelwe ukulungisa ingqalasizinda sivele asanele ngenxa yezikhukhula ezibe khona esifundazweni.
“Sinethemba lokuthi izinhlaka zomthetho zizokwenza konke okusemandleni ukufinyelela ekujuleni kwalezi zehlakalo,” kusho uNkk Frazer.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaNongoma aphenya icala lokuzama ukubulala, elokushisa nelokucekelwa phansi kwempahla kulandela isigameko sokuhlaselwa kowesifazane oneminyaka engu-46 kwakhe ngeSonto.
“Abasolwa bathungele ngomlilo umuzi wakhe ngaphambi kokuthi babaleke. Imbangela yokushiswa komuzi ayikaziwa,” kusho uNetshiunda.