KUKHALWA ngomengameli we-ABC, uMnuz Philani “PG” Mavundla ophinde abe yikhansela kuMasipala waseMvoti okuthiwa unqwahe nemoto yeMeya yalo masipala, uMnuz Gabriel Malembe we-IFP.
Isolezwe lithole ukuthi uMavundla ubenikwe le moto ngesikhathi eyiMeya kulo masipala.
Umthombo waleli phephandaba uveze ukuthi uMavundla usabisa nemeya yaseMvoti uyitshela ukuthi ngeke ayinike imoto futhi yena uyinsizwa ngeke imenze lutho.
Kuthintwa imeya yaseMvoti, ithe impela kuyiqiniso ukuthi uMavundla unqaba nemoto kamasipala.
“Ngicela ukucacisa lokhu. UMavundla wakhishwa esikhundleni ngoMeyi 21 kulo nyaka akaseyona imeya kodwa usele nesikhundla sokuba yikhansela. NgoJulayi 1 uthole incwadi yasenkantolo esho ukuthi isikhundla sakhe sokuba yimeya siphele ngoMeyi 21. Njengoba incwadi ibiqinisekisa ukuthi akaseyona imeya kumele abuyisele yonke impahla kamasipala abenikwe yona njengemeya. Manje unqwahe nemoto yaseMvoti eyiBMW X5 ebhaliswe ngokuthi Mvoti 1. Kunalokho uphambanisa izinto uthi uma ebuyisa imoto ngeke ayibuyise zingakapheli izinsuku ezingu-30. Angiqondi ukuthi ukhuluma ngaziphi izinsuku ezingu-30 ngoba yena waphuma esikhundleni ngoMeyi 21. Uma ekhuluma ngezinsuku ezingu-30 zaphela ngoJuni,” kusho uMalembe.
UMalembe uthe usaxoxisana namaphoyisa ukuthi kube yiwona angenelelayo ukuxazulula lolu daba ngoba sekucacile ukuthi uMavundla akafuni ukubuyisa imoto.
“Uma uzokhumbula mina ngike ngaba yiMeya yaseMvoti ngaphinde ngehliswa esikhundleni emva kwesikhashana ngifungisiwe. Akuphelanga ngisho isonto uMavundla akanginikanga thuba efuna la izimoto zomkhandlu. Angizange ngiyikhulume indaba yezinsuku ezingu-30 ngazibuyisa manje yena usebamba uyayeka uma sekumele abuyise imoto yomkhandlu,” kuqhuba uMalembe.
Kuthintwa uMavundla ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa nemiyalezo abethunyelelwa yona ifkile kuyena kodwa wangayiphendula. Nangemuva kwemiyalezo uphinde wazanywa efonelwa kodwa lutho engalubambi ucingo lwakhe.
KuMasipala waseMvoti kuthiwa uMavundla uhlala emihlanganweni kamasipala njengekhansela lakhona futhi uthatha izinqumo ngokubambisana namanye amakhansela. Kuleyo mihlangano kuthiwa kusuke kuhleli uMalembe njengemeya kamasipala.