UMASIPALA waseThekwini uthi usuyixazululile inkinga eholele ekutheni udoti ungaqoqwa kwezinye izingxenye zedolobha.
Kusukela ngesonto eleldlule abantu abahlala ezindaweni zakuleli dolobha bebelokhu bekhala ngokungaqoqwa kukadoti, ezindaweni zabo.
Kusolwa ukuthi ukungaqoqwa kukadoti kumayelana nokuhudula izinyawo kwabasebenzi bakadoti, abangajabule ngokwehliswa kwemali ekhokhelwa abasebenza isikhathi esengeziwe.
Umasipala usanda kwehlisa isabelo esibekelwe abasebenze isikhathi esengeziwe ngohhafu, okuyisinyathelo esacasula abasebenzi abaningi.
Okhulumela uMasipala waseThekwini, uMnuz Msawakhe Mayisela, akazange aphumele obala ngembangela yokugqoza kokuqoqwa kukadoti, kepha wathi inkinga isilungisiwe.
"Sesiqalile ukuqoqa udoti ongazange uqoqwe. Sisebenza ngokuzikhandla ukwenza isiqiniseko sokuthi udoti uyaqoqwa kuzo zonke izindawo. Udoti uzoqoqwa kuzo zonke izindawo maduze."
Kusukela ngesonto eledlule abantu abahlala kuleli dolobha bebelokhu bebhala ezinkundleni zokuxhumana zikamasipala, bekhala ngokungaqoqwa kukadoti ezindaweni abahlala kuzo.
UNksz Thabile Ndlovu, uthe kusukela ngesonto eledlule udoti awukaze uqoqwe lapho ehlala khona.
“Asisazi (ukuthi) kufanele senzenjani. Udoti usuze wahudulwa yizinja. Singajabula uma umasipala ungasilungisela le nkinga ungakashayi uKhisimuzi.”
UMnuz Louwa Klopper, uthe umasipala kufanele uphendule ngokungaqoqwa kukadoti eBluff.
“Vukani ebuthongweni nisichazele ukuthi udoti uzoqoqwa nini. Isikhathi sokunkunka utshwala siphelile. Sifuna ukwazi ukuthi udoti uzoqoqwa nini. Izivakashi sezize zabaleka, zizofike zixoxele nabanye ukuthi bangavakasha. Ngiyethemba ukuthi niyaziqhenya ngale nto eniyenzile.”
UKlopper uthe noma bethi bashaya ucingo ukubika ngalesi simo izingcingo kazibanjwa.
“Kufanele nisitshele ukuthi yini esiyikhokhela izidingo zikamasipala uma udoti ungezukuqoqwa.”
UMnuz Justin Glenn uthe usola ukuthi injabulo ehambisana namaholidi kaKhisimusi yiyona eyenza ukuthi udoti ungaqoqwa ngesikhathi.
“Kufanele sikulindele ukuthi udoti ungaqoqwa ngesikhathi ngoba abantu bahamba bengene umuzi ngomuzi, befuna uKhisimusi.”
Ikhansela leDA, uMnuz Mzamo Billy, lithe ukungaqoqwa kukadoti kubeka impilo yabantu baseThekwini engcupheni.
UBilly uthe bafuna bathathelwe izinyathelo abathintekayo ekungaqoqweni kukadoti.
“Sithole izikhalo eziningi ngokungaqoqwa kukadoti. Sikhathazekile ngokuthi kungenzeka ukuthi inkinga la idalwa wukuhudula izinyawo kwabasebenzi bakadoti, abakhalela imali eyengeziwe. Sesikusho kaningi ukuthi laba basebenzi kufanele bathathelwe izinyathelo eziqinile. Kusobala ukuthi umasipala uyehluleka ukuqondisa laba basebenzi ubugwegwe.”