USOLA ubudedengu umndeni wesiguli esizilengise esibhedlela, iSt Andrews, eHarding.
Umndeni kaSthembele ‘Sir’ Sosibo (32) uthe ufuna ukwazi ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi kungabi khona muntu ombonayo ngesikhathi ezikhunga ewodini abelashelwa kulo.
USosibo ubelashelwa isifo sofuba kanti kuthiwa ubehlaliswe yedwa ewodini.
Umndeni uthe wayekhombisa izimpawu zokuphazamiseka kwengqondo ngesikhathi engeniswa esibhedlela.
Umamkhulu kaSosibo, uNksz Wendy Caluza, uthe bafuna ukwazi ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi uSosibo ashiywe engagadiwe ewodini ekubeni wayekhombisa izimpawu zokuphazamiseka kwengqondo.
“Emnyango wasewodini abelaliswe kulona kunonogada. Unogada ubeseyephi? Kuzofanele ukuthi basichazele ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi umuntu ogula kanje, sebembonile ukuthi ingqondo iphazamisekile, bamshiye yedwa.
“Lento ibikhombisa ukuthi lo muntu uyingozi. Umnyango wasewodini lakhe bekungafanele nje ukuthi uvalwe. Sifuna ukwazi ukuthi bese beyephi abasebenzi basesibhedlela ngesikhathi kwenzeka konke lokhu.”
UNksz Caluza uthe batshelwe ukuthi uSosibo usebenzise ishidi lombhede ukuzikhunga.
“Okuyinkinga ukuthi uma sithi sibuza kubasebenzi basesibhedlela ukuthi kwenzeke kanjani, bonke bavele bathi abazi.”
UNksz Caluza uthe ugcine ukuvakashela uSosibo esibhedlela ngoMgqibelo, wathi wayekhombisa ukwelulama.
“Engifisa ukukwazi ukuthi ngabe kwenzekeni ngempela kulezi zinsuku ezimbalwa okuholele ekutheni agcine ezikhunga? Ngesikhathi engeniswa esibhedlela wayekhuluma izinto ezingazwakali futhi wayengawafuni namaphilisi. Kodwa muva nje ubesewavuma amaphilisi. Angazi ukuthi kwenzekeni.”
UNksz Caluza uthe uSosibo ungeniswe kulesi sibhedlela ngesonto eledlule.
Wathi uma ehlolwa umchamo kwatholakala ukuthi uhaqwe isifo sofuba.
UNksz Caluza uthe uSosibo ubengumsebenzi wezempilo obethandwa endaweni, ubesebenza esibhedlela iMurchison.
“Ubewuthanda futhi ezinikele emsebenzini wakhe. Wayeka izifundo zobunjiniyela ayeseziqalile eMangosuthu University of Technology, walandela ubizo lwakhe. Ubethandwa ngoba ngisho nabasebenzi basesibhedlela ashonele kuso bakhala ngokuthi balahlekelwe umuntu obewusizo.”
UNksz Caluza uthe uSosibo ubephinde abe usizo emndenini.
“Ubenamaphupho amaningi. Ubesezinhlelweni zokushadelwa. Angazi ukuthi umndeni wakhe uzosala ubhekwa ubani ngoba nguyena obewubhekile.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseHarding aseqale uphenyo ngokufa kukaSosibo.
“Imbangela yokushona kwakhe ayikaziwa.”
Kushaye esokushicilela okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa, engakaphenduli.