KUKHALWA ngokubhenywa mawala kwesidakamizwa iwunga okuthiwa kudla lubi ehostela KwaMashu, okuholela ezigamekweni ezishaqisayo zobugebengu nokubulawa kwabantu, osekuhlalise lubhojozi amalungu omphakathi kule ndawo.
Ngokusho komthombo weSolezwe osondelene nesiteshi samaphoyisa KwaMashu, bayisithupha abantu abatholwe bebulewe ezinsukwini ezehlukene. Ukweqiwa kwezidumbu ngabantu abasuke beya noma bebuya ematohweni ekuseni nantambama kuleli hostela, kuthiwa sekuyinsakavukela kumalungu omphakathi ahlala ehostela okusolwa kakhulu izenzo zobugebengu ezibhebhethikiswa ukusetshenziswa kwalesi sidakamizwa nezinye okuthiwa zithengiswa ubuthaphuthaphu kuleli hostela.
UMnuz Sandile Gwala oyikhansela kule ndawo engxoxweni neSolezwe, uthe isonto nesonto, kutholakala okungenani abantu abathathu kuya phezulu abasuke bebulewe akholwa ukuthi yizenzo zobugebengu ngenxa yezidakamizwa ezidlangile.
“Ukubulawa kwabantu kuleli hostela yinto nje ejwayelekile eyenzeka masonto onke, ukuthi inyathelwa ngezinyawo ngoba abantu abadayisa izidakamizwa bayasatshwa futhi basebenzisana nezikhulu zamaphoyisa ezisatshwayo esifundazweni. Phambilini, ngesikhathi kunomhlangano wokuzama ukuthola isixazululo, ngikuvezile ukuthi sicela okungenani kungenele amaphoyisa kazwelonke ukulwa nalesi sihlava, kodwa sengathi umbono wami awamukelekanga,” usho kanje
Uthe kunalokho kwavela umbono wokuthi akuqale kuhlangane amakhosi, njengoba abantu abahlala ehostela iningi labo livela ezindaweni zamakhosi ezehlukene. Uthe akulula ukuhlanganisa amakhosi, ngeke abamelele bonke abantu kwazise bavela ezindaweni eziningi ezehlukene.
Ngonyaka odlule ngo-Agasti, umholi wamaNazaretha aseBuhleni uvakashele kuleli hostela ngenhloso yokuhambisa umkhuleko wokulwa nesihlava sokubulawa kwabantu. UGwala uthe nakuba ukuhlanganiswa kwamakhosi nomkhuleko woNyazi engakufeli ngamathe, kodwa ukholwa ukuthi kumele kuqale kungenele amaphoyisa ajutshwe esuka ezingeni likazwelonke ukubamba izephulamthetho bese kugcinwa ngomkhuleko ukuqinisekisa ukuthi isihlava asibuye siqale phansi njengoba kwenzeka.
UMnuz Mthembeni Thusi wenhlangano Ubumbano Lwamahostela, uthe izigameko zokubulawa kwabantu nobugebengu emahostela, zidalwa ukuntuleka kwamathuba omsebenzi.
“Siyathemba ukuthi uhulumeni ongenile uzokwenza isiqiniseko sokuthi okungenani kule minyaka emihlanu uyalehlisa izinga labantu abangasebenzi. Lokhu kungaletha isixazululo, ngoba ukufa kwabantu kuyinto esikhathazayo sonke, ebuhlungu kakhulu,” kusho uThusi.
Kwesinye sezigameko zakamuva zokubulawa kwabantu kule ndawo esenzeke ngesonto eledlule, kutholwe izidumbu zabesilisa ezimbili zidindilizile ngasenkundleni yezemidlalo, Isulabasha kuyo le ndawo. UGwala (ikhansela) uthe waziswe ukuthi bebekade bevakashele abathile ababaziyo abahlala ehostela, kanti uthole ukuthi omunye wabo udabuka eMbumbulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa KwaMashu aphenya amacala okubulala, emva kokutholakala kgwezidumbu ezimbili zabesilisa zinamanxeba okudutshulwa emgwaqweni uDumisani Makhaye.