KUSOLWA iqunga kowesifazane waKwaMashu kwa-F okuthiwa ubhokode owesilisa obempansa izinqe ngommese, washona ngoMgqibelo.
Ngokusho kukaMnuz Muzi Ngema, onguninalume kamufi, uMnuz Sfiso Ngema (38) bekushoniwe kubo kamsolwa, umufi ehambele umlindelo wakhona.
Uthe bezwe kuthiwa umufi uzidlalisele umsolwa ngendlela angayithandanga, wadonsa ummese wamgwaza amanxeba amane enhliziyweni, wawa.
Uthe bamphuthumise emtholampilo ePoly, lapho efike kwathiwa useshonile.
“Uma sizwa kuthiwa lona wesifazane ubengaphandle ngoshwele ngecala lokubulala. Esikucabangayo wukuthi unequnga owesifazane ngoba akekho umuntu ongabulala omunye embulalela ukumpansa,” kusho uNgema.
Uthe bekugcwele emzini wesehlo kwazise bekungumlindelo womuntu obezongcwatshwa ngoMgqibelo.
“Uma sizwa owesifazane unabo abafowabo ebebekhona ngesikhathi kwenzeka lokhu. Ubengababiza abatshele ukuthi nangu umuntu emthinta ngendlela angayithandi, kube yibo abakhuza leso senzo kodwa waqoka ukuthi amgwaze,” kusho uNgema.
Uthe okunye abakubonayo wukuthi umsolwa ubevele ehlosile ukuthi ambulale umufi.
“Umgwaze amanxeba amane, enhliziyweni. Kusobala ukuthi ubefuna ukumbulala,” kusho uNgema.
Uthe yize umshana wakhe engeke esabuyiswa yilutho kodwa bayafisa ukubona umthetho wenza umsebenzi wawo ngokufanele.
Okhulumela amaphoyiswa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aKwaMashu abophe owesifazane ngecala lokubulala.
“Amaphoyisa ahambele indawo yesigameko emva kokugwazwa komuntu ezimpambanweni zomgwaqo, Isililo noMqanduli kwa-F KwaMashu. Ngesikhathi efika umgilwa ubesephuthunyiswe emtholampilo lapho afike washona.
Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kukamsolwa emgwaqweni uMncube khona kwa-F,” kusho uNetshiunda, ongeze ngokuthi kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze ngecala lokubulala.