SEBEVUKELA esiteshini samaphoyisa saseMariannhill, ukuyoqhinqa khona umndeni nomakhelwane bowesilisa okuthiwa wagcina ukubonakala “eboshwa” ngamaphoyisa, ngo-Agasti 21.
Kubikwa ukuthi uMnuz Sihle Mtshare (27) waseMpola wathathwa ngamaphoyisa angabaseshi ekwamalume wakhe, ahamba naye. Ngosuku olulandelayo amalungu omndeni wakhe avukela esiteshini samaphoyisa eyombheka kodwa kwathiwa alikho igama lalo muntu abamfunayo kwababoshiwe.
Kuvela ukuthi kube nelungu lalo mndeni elifake udaba lwakhe ezinkundleni zokuxhumana licela ukufuniswa uMtshare. Kuthiwa kube khona owesilisa ophendulile wathi wambona uMtshare efika esiteshini eboshwe ngozankosi ngemuva exhakathisiwe.
Le ndoda, esibhale nesitatimende emaphoyiseni, kuthiwa yabona lokhu ngesikhathi nayo ize ngelayo icala. Kuthiwa yabuye yabizwa ngabaphathi besiteshi yafika yalikhomba iphoyisa okuthiwa labopha uMtshare.
Kukhona nomunye wesibili okuthiwa naye wawabona amaphoyisa amabili ephuma noMtshare koninalume embophile naye usebhale isitatimende.
Kusukela ngoMsombuluko ngesonto eledlule lo mndeni uqhinqe ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa sakule ndawo ufuna ilungu lawo.
Izolo Isolezwe libaficile besaqhinqile ngaphandle bebase nomlilo njengoba amakhaza ebeshubisa umnkantsha.
Amalungu alo mndeni nomakhelwane bebenengekile bethi nsuku zonke leli phoyisa bayalibona, lidlula kubona liyaqhubeka nokusebenza. Lo mndeni uthi usukhalela okungenani ithambo likaMtshare uma kuwukuthi wabulawa ukuze bezokwazi ukumngcwaba bese umenzi wobubi ajeze.
“Sitshelwe ukuthi uma kubhekwa i-tracker yemoto eyayisetshenziswa yileli phoyisa, kuyavela iya kubo kamalume amahlandla amabili,” kusho ilungu lomndeni.
Liqhuba lithi sekudlule phakathi kwamabili kuthiwa le moto iphinde ibonakale isiKwaNyuswa okuyilapho okuba nemizuzu emihlanu enqamuka khona i-tracker ingasabonakali ukuthi ikuphi bese iphinde idonsa.
Le moto kuthiwa igcina iphelela kubo kwephoyisa eHammarsdale ekuseni ngabo-6.
Lo mndeni uthi udaba luqale ukusukunyelwa sebethinte abaphathi bamaphoyisa esifundeni saseThekwini.
“Sithole ngokushesha inombolo yecala kwangenelela nophiko oluphenya ngezenzo zamaphoyisa, i-Ipid.
“Asikwazi ukuhamba singazitholile izimpendulo nephoyisa silibona lisebenza. Besifuna ukumbona uSihle okungenani esejele uma kuwukuthi wonile. Alikho ijele, isiteshi samaphoyisa, isibhedlela namakhaza esingakuhambile, asimtholi,’’ kukhala ilungu lomndeni.
Umndeni uchaze uMtshare njengomuntu ozithulelayo, osebenza kwa-Unilever, ongenazo izitha futhi onguyise wengane eneminyaka eyisithupha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, ucele ukuthi kuthintwe i-Ipid okuyiyona ephenya lolu daba. Okhulumela i-Ipid, uNksz Lizzy Suping uthe bayaqhubeka nokuqoqa imininingwane ukuze baqhubekele phambili nophenyo abalwenzayo mayelana nalesi sehlakalo.