UFUNA ubulungiswa umndeni wowesifazane oyinkosazana ebandleni lamaNazaretha aseBuhleni ovulele ilungu elaziwayo kuleli bandla icala lokudlwengula.
Umsolwa (igama lakhe eligodliwe), okuthiwa uwumacaphuna kusale, kuvele ukuthi wayenga umgilwa ona-18 waseMlaza ngokuthi abahlangane enkabeni yedolobha iTheku ngaphambi kokuthi amcele ukuthi bayodla kwesinye sezitolo zokudlela esiseMorningside.
Unina kamgilwa elandisa Isolezwe, uthe indodakazi yakhe ebiseyintombi nto ngaphambi kwalesi sigameko, iyikholwa kuleli bandla kanti ithi umsolwa imbone emhlanganweni wasentabeni iKhenana wacela inamba yagcina ngokumnika.
“Indodakazi yathi ijwayele ukumbona umsolwa uma kunemihlangano emikhulu uma kuzofika inkosi yamaNazaretha uNyazilwezulu njengoba evamise ukubonakala ngaphambili ehamba ngesithuthuthu egudluza abantu phambi kwezimoto zenkosi. Uthe wacela inamba yocingo wagcina ngokumnika, kwathi ngoMsombuluko wamfonela ecela behlangane eThekwini,” usho kanje.
Uthe ngenxa yokuthi indodakazi yakhe izihlalela ekhaya njengoba iqede u-matric nyakenye, ngesikhathi eyicela imazisile ukuthi ayinayo imali futhi idolobha ayilazi kahle, wathembisa ukuyifakela u- R100 nge-e-wallet ukuze igibele. Uveze ukuthi umsolwa ulethwe yi-uber, wanxenxa umgilwa ukuthi agibele emotweni eyomkhombisa enye yezindawo zokudlela, eMorningside.
“Ngesikhathi befika endaweni yokuphumula, ithe uyibambe ngesandla bangena egunjini elithile lokulala wakhiya umnyango, wathatha ukhiye wangena nawo endaweni yokugezela wabuya esebhince ithawula. Emva kwalokho ithe uyiphoqe ukuthi ikhumule waqala wayidlwengula, kuthe eseqedile waphuma wayishiya lapho,” usho kanje.
Uthe wasizwa owesifazane ohlanza le ndawo emva kokumlandisa ngokwenzekile, wamkhombisa amatekisi abheke erenki, waqonda esibhedlela i-Prince Mshiyeni Memorial lapho ehlolwe khona.
Uthe okubaphatha kabi wukuthi umsolwa akakaboshwa kunalokho usalokhu ebafonela ebancenga ethi akukhulunywe eveza ukuthi bebethandana nomgilwa futhi ubezomkhetha ebandleni. Uveze ukuthi selokhu bavula icala amaphoyisa awakaze axhumane nabo, okubenza bathuke njengoba kubatshazwa ubunjinga kumsolwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kubikwe icala lokudlwengula emaphoyiseni aseMlaza.
“Lokhu kulandela isigameko sokudlwengulwa kwentombazane ena-18 okusolakala ukuthi idlwengulwe umsolwa owaziyo ngoLwesibili,” kusho uLieutenant Colonel Gwala.