UKUSEBENZA ngokuzinikela kuthele izithelo kothisha bezikole ezisesifundazweni iKwaZulu-Natal abahlabane ngezindondo eminxeni ehlukene, emcimbini wokuklomelisa othisha kuzwelonke obizwa nge-National Teaching Awards.
Kulo mcimbi obuhanjelwe wuMengameli wezwe uCyril Ramaphosa obungoMgqibelo odlule, uMnuz Cyril Dlamini owuthishomkhulu esikoleni sabakhubazekile esiseHighflats, i-Daniel Mzamo Special School ukhale wemuka nendondo ye-Excellence in Special School Leadership, kwathi uNksz Ayanda Xhala ofundisa esikoleni esifanayo walala isithathu emunxeni abeqhathwe kuwo i-Excellence in Special Needs Teaching. UNksz Koliwe Doris Mbatha owuthishomkhulu esikoleni samabanga aphansi i-Rippon esiseThekwini wathola indondo emunxeni we-Excellence in Primary Schools Leadership.
Engxoxweni neSolezwe, uDlamini uthe akholwa ukuthi kumphumelelisile amagalelo abenawo ekuthuthukisweni kwesikole nendlela nje yokufunda nokufundisa esikoleni.
“Ngibe wuthishomkhulu kulesi sikole ngo-2016, kodwa ukubambisana nabazali, umphakathi nothisha yikhona okwenza isikole sethu sithuthuke. Njengoba isikole sethu kungesezingane eziphila nokukhubazeka ngokomqondo, kudingeka ukuthi sisondele eduze kakhulu kwazo sizilekelele ngamakhono ezizokwazi ukuziphilisa ngawo nokuthi sikhulume nosomabhizinisi senze izincomo ekutheni zithole umsebenzi uma seziqede ukufunda. Zikhona izinselelo esibhekana nazo ngoba izingane zalolu hlobo kuba nzima ukuthi zithole umsebenzi, ngakho kumele siqinise ekutheni amakhono siyawaphucula, zifunde ukuzenzela. Ngijabule kakhulu ngalo mklomelo ozogqugquzela nabanye ukuze bazimisele ngokwenza kahle,” kusho uDlamini.
UNksz Mbatha uthe ngesikhathi efika esikoleni i-Rippon ngo-2017, bekunzima kakhulu kwazise phambilini bekuyisikole ebesigcwele amaNdiya.
“Zibe ziningi izinselelo, kukhona abangangemukeli kahle ngoba ngiwuthishomkhulu omnyama wokuqala ukuphatha kulesi sikole. Ngenxa yezinhlelo ezigcizelela ukusebenzisana nobunye, kuningi isikole esikuzuzile, kusuka kwezemfundo, ezemidlalo nakweminye imikhakha. Ngesikhathi ngifika abafundi babewu-867 kodwa manje isibalo sabo sesenyukele kwabangu-1 174 ngenxa yendlela esenza kahle ngayo,” kusho yena.
Ekhuluma kulo mcimbi, uRamaphosa uncome kakhulu ukuzinikela kothisha uma benza umsebenzi wabo.