KUBULAWE amakhansela angu-18 kwangu-40 ashonile KwaZulu-Natal, kusuka ngoNovemba 2021. Lokhu kuvele ngesikhathi inhlangano yohulumeni basekhaya esifundazweni, South Africa Local Government Association (Salga), inesithangami sabezindaba.
USihlalo weSalga eKZN, uMnuz Thami Ntuli, uveze ukuthi ukusocongwa kwamakhansela yiyona ndlela ehamba phambili eyimbangela yokushona kwawo esifundazweni. Uveze ukuthi kulawa makhasela angu-40 ashone kusuka ngoNovemba 2021, angu-17 ashone ngokwemvelo, amathathu ashone ngezingozi zezimoto kanti amabili azibulele.
Uveze ukuthi kule minyaka emibili, ezweni kuvalwe izikhala zamakhansela angu-167 kanti angu-40% kuwo bekungamakhansela ama-ward bese kuthi u-60% bekungamakhansela amele amaqembu awo.
Uthe iKZN ibheke odlameni lwezepolitiki nodlame lwamaqembu epolitiki ngisho lwangaphakathi emaqenjini.
Uthe kwesinye isikhathi kusetshenziswa ukucekelwa phansi kwempahla nodlame ukusabisa abaphathi bomasipala namakhansela ukuthi bavume izimfuno zangaphandle.
Ephawula ngemibiko yezezimali komasipala, uthe abanye omasipala benze kangcono emibikweni yoMcwaningi maBhuku onyekeni obuphela ngoJuni 2023.
UNtuli uthe abanikazi bemizi basebenzisa yonke imali ukukhokhela izikweletu zemizi kanti bakhathazekile ngokunyuka nokungehli kwama-interest rates. Uthe ukunyuswa kwawo kunomthelela ongemuhle komasipala ngoba kwenza kube nzima ukuthi bahlinzeke ngezidingo nokuthi bakhokhele abasebenzisana nabo.