PHEZU kokuba ugesi ucishwe esigabeni sesithupha yinkampani i-Eskom ngoLwesithathu kodwa akubikwanga kuphazamiseka ekubhalweni kwephepha ebese liphindwa kwa-matric, iComputer Applications Technology.
Leli phepha beliphindwa kulandela ukuphazamiseka kwezinye izikhungo ngesikhathi libhalwa.
NgoLwesihlanu kuzophinde kubhalwe amaphepha ezifundo eziyisithupha aphazamiseka ngesikhathi kubhalwa kusuka ngo-Okthoba.
I-CAT yaphazamiseka ngo-Okthoba 25, kwathi i-IT yona ngo-Okthoba 26.
Amanye amaphepha aphazamiseka kubalwa iphepha lokuqala le-English, Economics, iphepha lokuqala leMathematical Literacy, iphepha lesibili leMathematical Literacy kanjalo nephepha lesibili leMathematics.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo kuzwelonke uMnuz Elijah Mhlanga, uthe akukho kuphazamiseka okubikiwe njengoba bekuphinda i-CAT ngoLwesithathu.
Uthe kwezinye izikhungo kusize ama-generator ukuze kungaphazamiseki.
UDkt Barney Mthembu isikhulu soMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe imibiko esiye koshicilela beyitholile ngukuthi akubanga khona ukuphazamiseka ekubhalweni kwephepha le-CAT.
Uthe bambalwa abafundi abebezobhala leli phepha, akubona bonke.
“Abebezobhala yilabo abaphazamiseka bangakwazi ukuqeda ngenxa kagesi noma ngenxa yokuthi ikhompyutha abebebhala ngayo yaba nenkinga. Ngakho akubona bonke abafundi abebezobhala,” kusho uMthembu.
Bangu-3 956 abafundi kuzwelonke abaphazamiseka ngesikhathi kubhalwa iCAT ne-IT.
Abafundi ababhalayo bazoveza ubufakazi obufana nomazisi kanjalo nezinombolo zokubhala ezizohlonza ukuthi ibona ababhalayo.
Phambilini uMhlanga wathi abafundi abangabhalanga bayaziwa ezikoleni ngakho akekho ongenza umkhonyovu abhalele omunye.
UNgqongqoshe walo mnyango uNkk Angie Motshekga, uzodedela imiphumela ka-matric ngoJanuwari 19, 2023.
Abafundi bazokwazi ukuthola imiphumela yabo ngakusasa ngoJanuwari 20, 2023.
Kunxuswe abafundi ukuthi balande imiphumela yabo ezikoleni noma ezikhungweni abebefunda kuzona.