UMFELANDAWONYE wezinyunyana, iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), ithe basathwele kanzima abesifazane abamnyama yize izwe selibuswa ngokwentando yabantu.
IPhini likaNobhala Jikelele weSaftu, uNkk Nontembeko Luzipho, lithe ubandlululo lwaluhlukanisa abantu ngokwebala lwabuye lwehlisa izinga labo lempilo ngebala nobulili.
“Yize izwe selibuswa ngokwentando yabantu kodwa abesifazane abamnyama basathwele kanzima uma beqhathaniswa nozakwabo bezinye izinhlanga. Ucwaningo luveza ukuthi abesifazane bahola kancane kunamadoda futhi abesifazane abamnyama kuleli bahola kancane ukudlula wonke umuntu,” kusho uNkk Luzipho.
Uthe ucwaningo luka-2020 lwe-Oxfam luveza ukuthi owesifazane omnyama ohola kancane uthola uR2 500 ngenyanga kanti owesilisa omnyama ohola kancane uthola uR3 250 ngenyanga.
Lolu cwaningo luveza ukuthi abesifazane abamhlophe abahola kancane bathola uR10 000 ngenyanga bese kuthi abesilisa abamhlophe okuthiwa bahola kancane bathole uR13 000 ngenyanga.
UNkk Luzipho uthe lolu cwaningo lukubeka kucace ukuthi abesifazane abamnyama babekwa ezingeni eliphansi kakhulu kunazo zonke izinhlanga kuleli.
Uveze ukuthi kwabesifazane abamnyama abawu-10 abangena ezikhungweni zemfundo ephakeme munye kuphela ogcina ephothule izifundo zakhe njengoba abanye beshiya ngenxa yezizathu ezihlukene okubalwa isimo esingesihle senhlalo nokuhlala kude nezikhungo zemfundo.
“Abesifazane abahola kancane yibona ababuye banakekele imindeni yabo nezihlobo ngamaholo angatheni. Ngonyaka basebenzisa uR58 000 ukubhekela izidingo zabo kanti abesifazane abamhlophe abahola amakhaya ngabodwana basebenzisa uR258 000 ngenyanga. Kubi ukuthi namanje abesifazane abamnyama basazabalaza yize kuthiwa sikhululekile ezweni,” kusho yena.
Ukhale ngokuthi ngisho umsebenzi wokukhulisa izingane usahleli emahlombe abesifazane.
Wenze isibonelo sokuthi abesifazane baqashiwe ezinkampanini ezihlukene kodwa babuyela emakhaya banakelele izingane zabo, kulindelwe nokuthi bapheke benze yonke imisebenzi yekhaya.
“Abesifazane bathwele kakhulu ngoba emsebenzini bagcina benganikezwa izikhundla eziphezulu yize benesipiliyoni nolwazi olufanele ngenxa yokuthi banezingane ezincane ezibheke bona. Azikho izinkulisa nezinye izindawo ezibhekele izidingo zezingane. Ngisho ezinyunyaneni abesifazane babekwa emuva ngenxa yokuthi abakwazi ukuya emihlanganweni eminingi njengozakwabo besilisa,” kuchaza uNkk Luzipho.
Uthe phezu kwakho konke lokhu abesifazane bayahlukunyezwa ngamadoda abashayayo, abadlwengule futhi ababulale.
Ukhale ngokuthi kulo nyaka awu-10 512 amacala ocansi asebikwe emaphoyiseni wathi maningi angabikiwe ngoba abesifazane bayasaba ukuyobika la macala futhi abasenalo ithemba lokuthi bazothola ubulungiswa.
Ugqugquzele abesifazane ukuthi babumbane, bavulelane amathuba omnotho futhi besekane emikhakheni ehlukene.