AKASEKHO emhlabeni uTrevor “The British Bulldog” Philips owaba yisikhulu esiqala esiphezulu sePremier Soccer League (PSL) kusukela isungulwa ngo-1996.
IPSL ikhiphe isitatimende ngoMsombuluko iqinisekisa lezi zindaba. UPhilips waba yisikhulu sePSL iminyaka emibili nohhafu kusukela ngo-1996. Wabuya ihlandla lesibili phakathi kuka-2002 no-2007.
Kuthiwe ushiye emhlabeni inkosikazi uSharon nezingane ezimbili. IPSL ithe kuzoba nomzuzu wokumhlonipha ngaphambi kwemidlalo yeDStv Premiership neyeGladAfrica Championship yaleli sonto.
Inhlangano eyengamele ibhola kuleli iSafa ikhiphe isitatimende idlulise amazwi endunduzo emndenini wakaPhilips.
“Sidlulisa ukudabuka kwethu kumndeni wakwaPhilips, abangani nabo bonke asebenze nabo. Lezi yizindaba ezimbi kunobhutshuzwayo, hhayi eNingizimu Afrika kuphela kodwa emhlabeni wonke njengoba kuningi lapho uMnuz Philips eshiye khona ulwazi lwakhe lokudlulisa lo mdlalo. Sithemba ukuthi uMdali uzoba nomndeni kulesi sikhathi. Alale ngokuthula,” kusho umengameli weSafa, uDanny Jordaan.