KHETHA SANGWENI
AYISEKHO emhlabeni iMeya kaMasipala iModimolle-Mookgophong, uMarlen van Staden, obekuyiyona yodwa imeya yaleli qembu eLimpopo.
UMholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen, uthe imeya ishone ngoLwesine emuva kokuthi kade ixinwe wukugula isikhathi eside.
Uthe ngaphandle kokuba yiyona kuphela imeya yabo eLimpopo, kodwa ibungumuntu osebenza ngokuzikhandla phezu kwezingqinamba ezikhona emkhandlwini abiwuphethe. Uthe bagqemeke udume lwengozi ngoba umufi ubeyiphila imigomo ye-DA.
Ushona nje, ushiya umyeni wakhe namadodana akhe amabili. Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi, iMeya yaseJohannesburg, uMnuz Kabelo Gwamanda, kuphoqeleke ukuthi iphuthunyiswe esibhedlela isesimeni esibi emuva kokuwa isemsebenzini.
Kuvele ukuthi uGwamanda uze emsebenzini evele engemuhle kahle empilweni.