KUSHONE abantu abayisikhombisa engozini ebandakanya iloli, itekisi nezinye izimoto ezincane eSiphingo, izolo ebusuku.
Abezimo eziphuthumayo bathi le ngozi yenzeke emgwaqweni uM35, bonke abagibeli abashonile bebesetekisini.
UMnuz Kyle van Reenan wabezimo eziphuthumayo kwa -Emer-G Med’ s, uthe amaphoyisa asaphenya ngengozi kodwa kubukeka sengathi iloli liphelelwe amabhuleki lehluleka ukuma erobhothini, lashayisa itekisi nezinye izimoto ezincane.
"Imininingwane ephelele ngembangela yengozi, iphenywa ngamaphoyisa," kusho yena.
Ungqongqoshwe woMnyango wezokuThutha eKZN uMnuz Sipho Hlomuka unxuse abashayeli ukuthi bashayele ngokucophelela ikakhulukazi njengoba kubhekwe esikhathini samaholidi kaKhisimusi.