ACISHE abambana ngezandla amalungu e-ANC ne-IFP kubangwa ukusetshenziswa kwehholo elisoLundi emcimbini wokugubha usuku lukamengameli wokuqala wentando yeningi, uDkt Nelson Mandela.
Womabili la maqembu athe abenezinhlelo zokuhlanza ihholo eliseZondela.
Amalungu alezi zinhlangano aficane ehholo, kwaba ncane indawo.
Ezinkundleni zokuxhumana kusabalale ama-video akhombisa amalungu amaqembu ehilizisana, kubangwa ukusetshenziswa kwehholo.
IPhini likaSihlalo we-ANC esifundeni iMzala Nxumalo, uMnuz Thokozani Sikhakhane, usole amalungu e-IFP ngokuba nochuku.
Uthe ngokwezinhlelo zabo bebehlele ukuthi bahlanze ihholo, bese beba nesifundo ngoMandela.
USikhakhane uthe emva kokuba sebeqedile ukuhlanza ihholo kube sekugasela amalungu e-IFP athe angabasebenzi bakaMasipala wasoLundi ngaphansi kohlelo lwemisebenzi yomphakathi.
Amalungu e-IFP avela kwi-video ngezansi agqoke imidansane efanayo, uSikhakhane athe Yimifaniswano yabasebenzi bakaMasipala wasoLundi ngaphansi kohlelo lwemisebenzi yomphakathi.
USikhakhane uthe emva komdonsiswano banqume ukuyoqedela umcimbi wabo epaki eseduzane.
“Okusixakile ukuthi lamalungu e-IFP avele anquma ukushiya phansi ihholo, asilandela. Njengoba ngikhuluma nawe nje manje kunamaqembu amabili lapha epaki. Sicula amaculo angafani.”
USikhakhane usigxekile isenzo samalungu e-IFP, wathi siphehla udlame.
“Thina besinayo imvume yokusebenzisa ihholo. Le nto eyenzekile isiphatha kabi ngoba ikhombisa ukuthi kukhona abantu abasajabulela udlame.”
Iphini likasihlalo weSanco esifundeni iZululand, uMnuz Mlungisi “Phohloza" Zungu, unxuse uhulumeni ukuthi angenelele.
“Akufanele sivumele ukuthi kube nendawo ezokuba u-alubhadwa.”
Usomlomo womkhandlu wasoLundi, uMnuz Senzo Buthelezi, oyikhansela le-IFP, ukuphikile ukuthi amalungu e-IFP abandakanyeka kulesi sigameko angabasebenzi bomkhandlu.
“Into eyenzekayo ngukuthi abantu abaqashwa ngaphansi kwalolu hlelo basebenza izinyanga eziyisithupha bese kuqashwa abanye emva kwalokho. Uma sebeshiya, asibaphuci umfaniswano.”
UButhelezi uthe akwaziyo ukuthi i-IFP ibinohlelo lokuhlanza elokishini eZondela, wathi phakathi kwe-IFP ne-ANC akekho obecele imvume yokusebenzisa ihholo.
UButhelezi unxuse ukuthi kube nokubekezelelana phakathi kwamaqembu ezepolitiki, waphinde wanxusa nokuthi onke amaqembu ezepolitiki ahloniphi ubuholi bomkhandlu.
IMeya yoMkhandlu, uMnuz Wilson Ntshangase, wenqabile ukuphawula ngalolu daba.