KWEHLUKENE imibono ngabamenyezelwe kwiKhabhinethi likaMengameli Cyril Ramaphosa elisha.
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe yize bebengakweseki ukusungulwa kwesikhundla esisha, sikaNgqongqoshe kaGesi kodwa bayakwemukela ukuqokwa kukaDkt Kgosientso Ramakgopa.
“Sinethemba lokuthi uDkt Ramakgopa uzokwazi ukumelana nezinselelo azobhekana nazo. Unawo amava. Esikulindele kuye ukuthi abhekane ngqo nezinkinga i-Eskom ebhekene nazo.”
Umcebise ngokuthi kuzofanele asebenze nonjiniyela nezazi zikagesi ukuthi akwazi ukwenza okulindeleke kuye ngendlela efanele.
Uthe inkinga ekhona ukuthi iqembu elibusayo liyahluleka ukuthatha izinyathelo kongqongqoshe abasuke benze okungafanele.
“Isibonelo nje, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, bekumele kube khona akwenzayo ngaye umengameli ngoba ubugebengu buwuphilisa kanzima umphakathi,” kusho uHlabisa.
Umholi weFreedom Front Plus, uMnuz Pieterr Groenewald, uthe Dkt Ramakgopa udume ngokuthi ungumlandeli omkhulu kaRamaphosa kusukela kudala ngezikhathi zikalowo owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.
“Ukuqoka kwakhe uDkt Nkosazana Dlamini Zuma emnyangweni amqokele kuwo, nakho akusithusanga, kuyinto esiyijwayele ukuthi uRamaphosa uzisondeza eduze izitha zakhe,” kusho uGroenewald.
Uphethe ngelithi abanalo ithemba lokuthi kukhona izixazululo abazozibona ezinkinga izwe elibhekene nazo.
Umholi we-African Transformation Movement, uMnuz Vuyo Zungula uthe uRamaphosa akanalo ilungelo lokwenza ushintsho kwiKhabhinethi lakhe.
Uthe umbiko ovele izolo wokuthi imali uRamaphosa athi yayizothenga izinkomo epulazini lakhe yangena ngokungekho emthethweni kuleli ubusho ukuthi unecala okufanele aliphendule.
“Bekufanele angabe esaqhubeka nokumemezela iKhabhinethi elisha. Kusobala uRamaphosa uwuhlobo lomuntu oluzicabangela lona kuphela,” kusho uZungula.
Uthe baningi abanenjwa umbiko wokuqhwagwa kombuso yidlanzana kodwa uRamaphosa akazange abashintshe.