KUSHAQWE omacekeceke bezimoto nemizi kanokusho yabamangalelwa ababoshelwe amacala enkohlakalo yethenda kaR37 million yoMhlathuze Water.
UMnuz Mthokozisi Duze obeyisikhulu esiphezulu soMhlathuze Water, uNksz Babongile Mnyandu obeyisikhulu sezimali, kuthiwa behlukene nenkampani emuva kokwesula emsebenzini. Bobabili baboshelwe inkohlakalo yethenda yabameli okuthiwa ayihambanga kahle.
Basolwa ngokunikeza inkampani yabameli iMhlanga Incoporated, ithenda kaR37 million ngokungafanele. Kuboshwe noMnuz Ralph Mhlanga, wenkampani yabameli futhi ubhekene necala lenkohlakalo. Uphiko oludla impahla lugasele luhambisana namaphoyisa ophiko loKlebe bashaqa impahla eBallito, eMhlanga, eMthunzini Estate nase-Ashburton, ngaseMgungundlovu. Badlulele naseRichards Bay naseCape Town, kanti kuzo zonke izindawo bebebuya nempahla yezinga eliphezulu.
Phakathi kwezimoto ezitholakele kubalwa iRange Rover, BMW X6, Mercedes-Benz V Class, Jaguar nesithuthuthu seHarley Davidson. Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe banikezwe yinkantolo igunya lokudla impahla yenani likaR37 million.
UMhlathuze Water wasola ukuthi kukhona okunuka santungwana wase ujuba abaphenyi abazimele, abaphakamisa ukuthi kumiswe obeyisikhulu esiphezulu uMnuz Duze, ogcine ngokuboshwa. Akugcinanga ngokuboshwa kwabo kodwa kuboshwe noMqondisi-Jikelele kahulumeni waKwaZulu-Natal, uDkt Nonhlanhla Mkhize, obhekene necala lokwesabisa nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
UDkt Mkhize usolwa ngokuthumela umuntu thizeni ukuthi ayofuna ngodli umbiko wophenyo kulo owayewuphethe. Kuthiwa umuntu owayethunyiwe wazethula ngokuthi usebenzela ezobunhloli, uma lowo owayephethe umbiko engawukhiphi uzoboshwa. UDkt Mkhize uyaziphika izinsolo abhekene nazo. Kulindeleke ukuthi abamangalelwa babuyele enkantolo ngoLwesibili, lapho kuzoqhutshekwa khona nodaba lwabo.