UKHOMISHANA wamaphoyisa uLimpopo uLieutenant General Thembi Hadebe uthe ushaqekile futhi uphatheke kabi kakhulu ngesigameko sokudlwengulwa kwesaguga esineminyaka engu-84 eMookgopong.
Kuthiwa lesi salukazi sasilele emzini waso ngesikhathi sihlaselwa umsolwa ongaziwa owagqekeza wangena ngo-01.30, ngoLwesithathu ekuseni.
“Imibiko etholwe ngamaphoyisa ithi umsolwa ungene ngewindi wadlwengula isalukazi,” kusho Brigadier Hlulani Mashaba okhulumela amaphoyisa aseLimpopo.
Kuthiwa umsolwa uzumekile ngemuva kwesenzo sakhe, umgilwa wakwazi ukubaleka eyofuna usizo komakhelwane abaphuthume ngokushesha kodwa bamthola engasekho umsolwa.
“Amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko umgilwa wathola usizo lokuqala ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.
Kwesinye isigameko esenzeke eGelvandale eGqeberha ngoLwesithathu, kutholwe isalukazi (61) sibulewe.
Amaphoyisa athole umbiko ngokubulawa komuntu emzini osemgwaqweni uBeetlestone, eGelvandale, eGqeberha.
Amaphoyisa afike endaweni yesigameko athola isidumbu sowesifazane emotweni ebipake egcekeni. Umyeni wakhe oneminyaka engu-57 utholwe kwesokunxele khona kule moto naye enamanxeba okugwazwa.
“Owesilisa utholwe eceleni kwemoto enamanxeba okugwazwa ummese useduze kwakhe. Lo mlisa uphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole usizo lokuqala.
Kulokhu, amaphoyisa aphenya icala lokubulala.