KUSENZIMA ukungena emkhakheni wokutshala insangu kubantu abamnyama yize uhulumeni eselivulile ithuba.
Lokhu kushiwo uMnuz Thulani Majozi ongumnikazi wenkampani etshala insangu, iphinde yenze imikhiqizo ngayo insangu, i-All Grow KZN, ezinze KwaMashu.
UMajozi ubengomunye wosomabhizinisi abamnyama abayingcosana ebebekhangisa ngemikhiqizo yensangu embukisweni wemikhiqizo yensangu, iCannabis Expo ebiseSuncoast Casino, eqale ngoLwesihlanu yaphela izolo.
UMajozi uthe inselelo enkulu yimali, eyesibili kube ulwazi.
“Uma ufuna ukutshala insangu ekhiqizelwa ezempilo udinga imali enkulu engaze ifinyelele kuR5 million. Akulula ukuthola leyo mali ungumuntu omnyama osezingeni lami. Kudingeka ukuthi uthole uxhaso nalo olungafiki zisuka nje.
“Imali ebenginayo igcine isiphelile, sengihluleka ukuholela abantu. Ngenhlanhla kulo nyaka ngithole uxhaso eMnyangweni wezoLimo,” kusho yena.
UMajozi nasebenza nabo batshala insangu esetshenziselwa ezempilo (medicinal cannabis) nesetshenziselwa ukwenza eminye imikhiqizo i-hemp. I-hemp isetshenziselwa ukwakha izitini eziqinile esingalimali uma ibhilidi noma indlu kushile, izintambo nokunye.
“Sizenzela konke kusukela ekwenzeni umquba esiwuthola konogwaja esibafuyile. Sisebenzisa umquba nomchamo wabo, umkhiqizo wethu awunawo amakhemikhali. Sabona ukuthi ngeke sikwazi ukumelana nezindleko zikamanyolo kanti futhi besifuna ukwenza into ehlukile, singalandeli abanye ukuze sibe nemakethe yethu efuna imkhiqizo ongenawo amakhemikhali.
“Ukungena embukisweni onjengalo nakho kunzima ngoba kunemigomo eminingi okumele uyilandele kodwa kusisize kakhulu ukuze sikwazi ukuzidayisa, sifunde nakwabanye abakulo mkhakha,” kusho uMajozi.
UMnuz Peter Zwane wenhlangano iLynette and Peter Zwane Foundation Cannibis Trainer, eqeqesha abantu abafuna ukufunda konke ngebhizinisi lemikhiqizo yensangu, uthe: "Baningi abafisayo ukungena kulo mkhakha kodwa bagcina bengaqhubekanga ngoba abazi ukuthi bangaluthola kuphi ulwazi ngoba lolu hlelo luphethwe uMnyango wezoLimo kuzwelonke.
“Uma ufuna imvume yokutshala i-hemp uyithola khona kodwa ifomu lakhona lifuna ukuthi kube namaphepha ashoyo ukuthi uqeqeshiwe okuyilapho thina sisiza khona,“ kusho yena.
Eminye imikhiqizo yensangu uwoyela namaphilisi adambisa izinhlungu.
Ukuze uyenze leyo mikhiqizo kumele ugunywazwe isikhungo esigunyaza ukusetshenziswa kwemithi yokwelapha kuleli South African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA).
Udokotela naye kumele afake isicelo kuyo iSAHPRA uma efuna ukunikeza iziguli zakhe imithi eyenziwe ngensangu.