SEZIHUBELA sakusha ngokuqokwa koMvikeli woMphakathi, kwazise isikhathi salowo okhona njengamanje futhi osamisiwe u-Adv Busisiwe Mkhwebane sesiphelile.
Luvele selukhishiwe uhlu lwalaba abayisishiyagalombili okumele benze inhlolokhono ezobe ikhonjiswa bukhoma kwithelevishini.
Okunye okuphawulekile ukuthi bane abesilisa kanti futhi bane abesifazane.
U-Adv Kholeka Gcaleka obambe lesi sikhundla njengamanje nophinde abe yiphini loMvikeli woMphakathi naye ukhona kulolu luhlu.
Iningi labantu likholelwa ukuthi uyena osemathubeni okuthatha lesi sikhundla kwazise vele uyiphini futhi ubambile njengoba uMkhwebane amiswa.
Abanye basola ukuthi kwaba nokwenzelela embikweni kaGcaleka owawungepulazi iPhala Phala likaMengameli Cyril Ramaphosa okwatholakala izindodla zemali kulona nokuyinto engavumelekile emthethweni waseNingizimu Afrika.
Ophenyweni lakhe uGcaleka wathola umengameli emsulwa, lokhu kwabashayisa amakhala abaningi ababecabanga ukuthi uGcaleka uzomthola enecala umengameli.
Uhlelo lokuthungatha uMvikeli woMphakathi lusingethwe umakadebona kwezepolitiki uMnuz Cyril Xaba.