UKUCISHWA kukagesi ngenhloso yokuwonga kusazoqhubeka kuze kube kulunga isiphehlimandla, iKusile Power Station esilungiswayo.
Lokhu kushiwo wuNgqongqoshe woMnyango wezikaGesi kuleli, uDkt uKgosientsho Ramokgopa, izolo ngesikhathi enesithangami sabesindaba lapho ebechaza khona ngesimo sikagesi kuleli.
Uthe lesi siphehlimandla kulindeleke ukuthi silunge ngasekupheleni konyaka, uma singakalungi kusazolukhu kuqhubeka ukucishwa kukagesi.
Uthe kuleli sonto akulindelekile ukuthi izigaba zokucisha kukagesi zibe phezulu njengesonto eledlule ngoba amandla kagesi asebuyile kwezinye iziphehli ebezinenkinga.
Uthe okulindelekile wukuthi isigaba sokucishwa kukagesi sibe sesigabeni sesibili.
Uthe izigaba zokucishwa kukagesi zikhushulwa wukuthi kuyenzeka kube nokucishwa kukagesi okuhleliwe, okwenziwa yi-Eskom bese kuba khona isikhungo esiphehla ugesi esifayo bese zikhuphuka izigaba zokucishwa kukagesi, ukuze kongiwe ugesi osuke ukhona ngaleso sikhathi.
"Ngeshwa kwezinye izikhathi ugesi kumele ucishwe kulungiswe, kungaze kube khona okufayo. Kumele sidlule kulobu bunzima ukuze sikwazi ukuba nogesi owenele ngesikhathi esizayo," kusho uRamokgopa.
Ebuzwa mayelana nogesi wokulekelela okuthiwe uzothengwa eMozambique, uthe lolo hlelo luyaqhubeka kodwa kusalandelwa imigomo kahulumeni yokuthenga ukuze uthengwe.
"Okuningi sekwenziwe sekusele kancane nje, uma sesinalowo gesi izokwehla ingcindezi," kusho yena.
Uthe umnyango wakhe uzomemezela maduze ukuthi ukulungiswa kwesikhungo iKusile sekukusiphi isigaba.