ISAZOBA nzima impilo kubantu baseNingizimu Afrika njengoba izazi zomnotho zithi iBhange loMbuso lizophinde liyinyuse imali mboleko njengoba amandla emali eqhubeka nokuntenga.
Kuleli sonto iStatsSA siveze ukuthi amandla emali aseku-5.4% esuka ku-4.8% akade emi kuwona ngo-Agasti.
Kuzokhumbuleka ukuthi iBhange loMbuso lifuna amandla emali abe phakathi kuka-3% no-6% ukuze llingayinyusi imali mboleko.
USolwazi Bonke Dumisa, oyisazi somnotho esizimele, uthe akangabazi ukuthi iBhange loMbuso lizoyinyusa imali mboleko ngenxa yokuntenga kwamandla emali.
“IBhange loMbuso linomqondo wokuthi uma linyusa imali mboleko abantu ngeke bakhithize. Liyakhohlwa ukuthi abantu abanayo vele imali yokukhithiza ngenxa yokuthi yonke into iyabiza ezweni. Kuyimanje ukudla kubiza ngendlela exakile, impuphu, amaqanda nenyama yenkukhu nakho kumba eqolo,” kusho uDumisa.
Ucwaningo lwePietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group (Pmbejd) luveza ukuthi igilosa yomndeni isibiza uR5 155.77.
UMnuz Dion George weDA, uthe izibalo zokuntenga kwamandla emali ziyakhathaza futhi uhulumeni kufanele ehlise ijoka emahlombe abantu ngokwandisa ukudla okungayikhokhi intela.
Kulokho kudla ubalule okwezingane, inyama yenkukhu, ubhontshisi nokunye ukudla okuthengwa yimindeni emikhulu.
Isazi somnotho saseFNB, uNksz Koketso Mano, sithe amandla emali azoqhubeka nokuntenga ngenyanga ezayo njengoba elindele ukuthi abe ku-5.6%. Ubalule ukunyuka kukaphethroli, umkhuhlane wezinkukhu nokubiza kokudla njengezizathu ezizontengisa amandla emali.