KUSACWEBE iziziba mayela nophenyo ngomshini okhiqiza izinhlamvu ehostela laKwaMashu.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe akukho okusha ngalolu daba kodwa uphenyo lwabo abalwenzayo luyaqhubeka.
Kushaqe abantu abaningi ukutholakala kwalo mshini ongabiza uR1 million ekuqaleni kuka-Agasti ehostela laKwaMashu eselithathwa ngokuthi kukwalasha ngenxa yezigameko ezibikwayo zokuqothwa kwabantu.
Amaphoyisa agasela endlini ekuleli hostela ashaqa nensada yezinhlamvu, izisefo, i-compressor no-ova bamaphoyisa.
Ngaleso sikhathi amaphoyisa awamficanga umnikazi walo mshini kodwa ekuhambeni kwesikhathi waziveza emaphoyiseni.
Kuthiwa esezivezile emaphoyiseni wakhipha incwadi emgunyaza ukuthi abe nawo.
IDA KwaZulu-Natal yanxenxa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ukuba aqinise ithimba elizophenya kabanzi ngalo mshini.
UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, wawashayela ihlombe amaphoyisa nonogada ngokuvundulula lo mshini.
“Muhle kakhulu umsebenzi owenziwe ngamaphoyisa. Sezithela izithelo ezinhle izinhlelo zokulwa nobugebengu. Lokhu sikuthatha njengokunqoba okukhulu kithina siwuhulumeni waKwaZulu-Natal,” kusho uHlomuka.
Mhla kutholakala umshini, ingqapheli yodlame eKZN, uNkk Mary de Haas yathi kuyathusa ukutholakala kwalo mshini kule ndawo ayichaza ngesidleke okucasha kusona izinkabi eziqotha abantu
UDkt Johan Burger ongumhlaziyi ozimele ngezobugebengu, wathi kuqubula imibuzo ukuba khona kwalo mshini ehostela.
Waqhuba wathi bakhona abantu abanezimvume zokuzikhiqizela bona izinhlamvu ezizosetshenziswa yibona kuphela.