YIZE sesehle ngaphezu kukahhafu isikweletu sezinduna, akukaziwa ukuthi izoqhamukaphi imali yokukhokha lezi zigidi zamaRandi.
Ngesonto eledlule kuvele ukuthi lesi sikweletu sehlile sisuka kuR1,4 billion saya kuR600 million.
Lokhu kuvele ngesikhathi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uvele phambi kwekomiti elibhekelele ukusetshenziswa kwezimali zomphakathi esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, iStanding Committee on Public Accounts.
Lo mnyango utshele leli komiti ukuthi awunayo imali yokukhokha lesi sikweletu.
Umnyango ukweleta izinduna ezingaphezu kuka-2 000 izigidi zamaRandi zemiholo yazo yeminyaka ephakathi kuka-2014 no-2016.
Lokhu kungenxa yokuthi lo mnyango waqala ukuholela izinduna ngo-2016 ekubeni umthetho wokuthi izinduna kufanele zihole wasayinwa ngo-2014 ngowayengumengameli ngaleso sikhathi, uMnuz Jacob Zuma.
Ungqongqoshe walo mnyango, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe balindele ukuthi uhulumeni kazwelonke kube yiwo okhokha le mali.
UHlomuka uthe sebebambe inqwaba yemihlangano nohulumeni kazwelonke, lapho bekubeke kwacaca ukuthi uhulumeni wesifundazwe angeke ukwazi ukukhokha le mali.
“Sibe nemihlangano nowayengungqongqoshe wezeZimali ngaleso sikhathi (uMnuz Tito Mboweni) nongqongqoshe kazwelonke woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (uDkt Nkosazana Dlamini Zuma).
“Savumelana ngokuthi iphutha laba kuhulumeni kazwelonke. Kwakufanele usinikeze nemali yokukhokhela izinduna ngesikhathi ushaya umthetho wokuthi kufanele zihole.”
UHlomuka uthe uhulumeni kazwelonke wenza isethembiso sokuthi umnyango wakhe uzokwabelwa imali yokukhokha lesi sikweletu ngesikhathi kuhlelwa kabusha isabelo sezimali ngonyaka owedlule kepha leso sithembiso sangagcinwa.
Uthe njengamanje sebelindele ukubona ukuthi uNgqongqoshe wezeZimali KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, akazukwenza yini isimemezelo ngalolu daba uma esethula isabelo sezimali sesifundazwe kuleli sonto.
“Uma engaphawulanga ngalolu daba, sizophoqeleka ukuthi sibuyele kuhulumeni kazwelonke siyobuza. Iqiniso ukuthi asinayo imali yokukhokha lesi sikweletu.”
Inhloko yomnyango, uMnuz Thando Tubane, ithe isikweletu sezinduna sinciphile emva kokuthi umnyango usibale kabusha.
“Iphutha elenzeka ekuqaleni ukuthi savele sabala izigodi, sakhohlwa ukuthi kukhona izigodi ezingenazo izinduna. Elinye iphutha kwaba ukuthi kwabaleka nezinduna ezazivele sezishonile ngesikhathi kushaywa lo mthetho.
“Elinye futhi iphutha ukuthi ngesikhathi sibala lesi sikweletu asizange sisibale isibonelelo sikaR1300 ebesikhokhelwa izinduna ngaphambi kokushaywa kwalo mthetho.”
Amalungu ekomiti athe kuhle ukuthi lesi sikweletu sesinciphile kepha azwakalisa ukukhathazeka ukuthi umnyango awukayitholi namanje imali yokusikhokha.
Athe lolu daba seludonse isikhathi eside kakhulu kungatholakali isisombululo.