USUFUNE wakhathala umndeni wowesifazane wasoShabeni, ePort Shepstone osekuphele amasonto amathathu anyamalala emva kokuthi kuthiwa washiya incwadi esonga ngokuziphonsa eweni.
UNkk Nosihle “Nono” Khuboni-Sengane (33) kuthiwa akabonwa nangokhalo selokhu anyamalala emva kokuthi ashiya incwadi ayesonga ngokuziphonsa eweni, okuthiwa akuyi lutho lubuyayo elikhona endaweni ebalisa ngokwehlulwa wumhlaba.
UNkk Samke Khuboni owunkosikazi womfowabo kaNosihle, uthe namanje abatholi mkhondo kuacwebeze iziziba abazi nokuthi ukuziphi izinkalo.
“Sesithungathe yonke indawo lutho ukumthola, namanje akekho osavelile owaziyo ukuthi ukuphi.
“Ingane yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye sesiyazisile ukuthi unina asimtholi nokho seyiqala ukwamukela kwazise isencane,” usho kanje.
UNkk Khuboni-Sengane okuthiwa washonelwa umyeni ayemganile eminyakeni edlule, kuthiwa ubesenesoka ebelimcelile okukholakala ukuthi ukusonga ngokuzibulala kwakhe kube ngemva kwengxabano ethola ukuthi isoka liqonyiwe.
Encwadini ayishiya kubo ngosuku anyamalala ngalo, kubhalwe ukuthi umndeni ulivumele isoka ukuthi libe yingxenye yezinhlelo zokufihlwa kwakhe.
Iqhubeka ithi uyohlale elithanda lona isoka nengane yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili okuthiwa ihlala kubo lapho kwakushadele khona unina.