ATHUKA izanya amalungu omphakathi waseMawoti eNanda, kutholwa mancozuncozu izitho zomzimba womuntu zilaxazwe ngasemgwaqweni, okukholakala ukuthi ezomuntu oyedwa nezitholwe ngoLwesihlanu.
Bekungakapheli zinsuku zingaki umphakathi usababaza isihluku kutholwa ikhanda nemilenze yomuntu eqotshiwe yafakwa ku-plastiki walaxazwa endaweni yokulahla imfucuza. Kuthe izolo emgwaqweni ofanayo ebangeni elingaba ngamamitha awu-200 ukusuka lapho kutholwe khona izicubu zokuqala, umphakathi wavuka ngezindaba zokutholwa kwezinye zilaxazwe onqenqemeni lomthangala wesiza somuzi okuthiwa kuhlala kuwo abaqashile.
Kulokhu kuthiwa kutholwe isifuba esixhumene nezingalo eziyisinqundu kusuka ngasendololwaneni, okuvele ukuthi zitholwe owesilisa ekuseni obedlula ngenhla komgwaqo wahlaba umkhosi.
Ngesikhathi Isolezwe lifika endaweni yesigameko bekungakapheli sikhathi esingakanani imoto yezidumbu ebizoqoqa lezi zitho ihambile, kodwa belisavimbanisile iphunga lezitho okuqinisekisa ukuthi bese zonakele.
Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa elithe liqashe emzini oseduze kwalapho kutholwe khona izitho zomzimba, lithe kulalwe ngayizolo kungekho lutho, ngakho bathukile sebebona kuqoqana abantu kuthiwa sekutholwe izitho zomuntu.
“Ngisabe nokuya khona ngendlela engithuke ngayo. Kusale kancane ukuthi bazilaxaze ngaphakathi la siqashe khona. Besisathuswe esikubone ngoLwesihlanu manje sesivuka ngokunye. Ngikholwa ukuthi kuseyizinsalela zesidumbu esisodwa nalezi ezitholwe ngoLwesihlanu,” usho kanje.
Omunye wamalungu omphakathi ozidayisela okudliwayo ebangeni elingatheni ukusuka lapho zitholwe khona, uthe ngesikhathi efika ekuseni bekuvimbanise iphunga, kunzima nokusebenza.
“Ababulale lo muntu banesihluku esimangalisayo. Ngendlela ayiyo, kuyabonakala ukuthi uhlahleliwe wahlukaniswa. Akungabazeki ukuthi ngezomuntu oyedwa nalezi ezitholwe ngesonto eledlule. Njengoba sidayisa ukudla namhlanje ibhizinisi alihambi kahle ngenxa yalesi simo,” usho kanje.
UMnuz Mbongeni Phewa, osekomitini elilwa nobugebengu endaweni, uthe bakholwa ukuthi umuntu ubulawelwe kwenye indawo. Uthe ukholwa ukuthi ababulali balokhu bezilaxaza mancozu izitho zomzimba wakhe athi kungenzeka ukuthi ezomuntu oyedwa nezitholwe phambilini.
UMnuz Prem Balram wenkampani yonogada i-Reaction Unit of South of Africa, uthe ngesikhathi onogada befika kule ndawo bathole lezi zitho zomzimba zigoqwe ngengubo e-cream white kanye neshidi eli-pink.
“Ngesikhathi abasebenzi besondela behlolisisa lezi zicubu, bathole ukuthi umgogodla ubungekho. Izitho zomzimba ezitholakele bese ziala ukunokala. Okwamanje akukaqinisekiswa ukuthi lezi zitho ezandawonye nezitholwe ngoLwesihlanu,” usho kanje.
Nakuba lezi zinsalela zisayohlolwa ukuqinisekisa ukuthi azizona ezandawonye, uma kungezandawonye kuzobe kusho ukuthi izitho ezingakatholakali okwamanje ingxenye yomzimba ukusuka eqolo kuya emadolweni, izandla nezitho zangaphakathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenat Colonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya ngokutholakala kwezitho zomzimba womuntu zisongwe ngengubo yokulala zabekwa eceleni komgwaqo.